NgokukaMathewu 15:1-20

NgokukaMathewu 15:1-20 ZUL20

AbaFarisi nezazimthetho beza kuJesu bevela eJerusalema, bathi: “Kwenziwa yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na? Ngokuba abazihlambi izandla uma bedla isinkwa.” Kepha uJesu waphendula wathi kubo: “Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na? Ngokuba uNkulunkulu wathi: ‘Hlonipha uyihlo nonyoko,’ wathi futhi: ‘Othuka uyise nonina makafe nokufa.’ Kepha nina nithi: ‘Lowo othi kuyise noma kunina: Lokho ebengizokusiza ngakho sengikwehlukanisile kwaba ngumnikelo kuNkulunkulu,’ akusadingeki ukuba ahloniphe uyise; kanjalo-ke nilenza libe yize izwi likaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu. Bazenzisi, u-Izaya waphrofetha kahle ngani, lapho ethi: “ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami; kodwa bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ ” Wayesebiza isixuku, wathi kuso: “Yizwani, niqonde. Akusikho okungena emlonyeni okumngcolisayo umuntu, kodwa yilokho okuphuma emlonyeni okumngcolisayo umuntu.” Kwase kusondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Uyazi yini ukuthi abaFarisi bathe bangalizwa lelo lizwi, bakhubeka na?” Kepha waphendula wathi: “Yileso naleso sithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini, siyakusishulwa. Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Kepha uma impumputhe ihola enye impumputhe, zombili ziyakukhalakathela emgodini.” UPhethro waphendula wathi kuye: “Sichazele lo mzekeliso.” Wayesethi: “Kanti nani anikabi nakuqonda na? Aniqondi yini ukuthi konke okungena emlonyeni kuya esiswini, kuze kulahlelwe ngaphandle na? Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu. Ngokuba enhliziyweni kuvela imidlinzo emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, nokuhlambalaza. Yilezo zinto ezimngcolisayo umuntu, kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 15:1-20