Mathewu 15:1-20

Mathewu 15:1-20 CZB24

Kwasekufika kuJesu ababhali nabaFarisi ababevela eJerusalema, bathi: Kungani abafundi bakho beqe isiko labadala na? ngoba abagezi izandla zabo nxa bedla isinkwa. Kodwa waphendula wathi kubo: Lani kungani leqe umlayo kaNkulunkulu ngesiko lenu? Ngokuba uNkulunkulu wayala ngokuthi: “Yazisa uyihlo nonyoko,” nokuthi: “Othuka uyise noma unina makafe nokufa. Kodwa lina lithi: Loba ngubani othi kuyise kumbe kunina: Kungumnikelo; ingahloniphi uyise noma unina; Kanjalo nenze umyalo kaNkulunkulu ube yize ngesiko lenu. Bazenzisi, waprofetha kahle ngani uIsaya, ethi: Lababantu basondela kimi ngomlomo wabo, bangidumisa ngezindebe zabo; kepha inhliziyo yabo ikude nami. Kepha bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu. Wasebiza amaxuku, wathi kuwo: Lalelani, liqedisise; Akusikhona okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kodwa okuphuma emlonyeni, yikho okumngcolisayo umuntu. Base besondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Uyazi yini ukuthi abaFarisi bakhubeka sebezwile leli zwi na? Kepha waphendula wathi: “Zonke izithombo ezingatshalwanga nguBaba osezulwini ziyakusishulwa. Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe. Uma impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili. UPetro wasephendula wathi kuye: Sichasisele lumfanekiso. UJesu wathi: “Kanti nani anikaqondi na? Anikaqondi yini ukuthi konke okungena emlonyeni kuya esiswini, futhi kulahlelwa ogwini na? Kepha okuphuma emlonyeni kuphuma enhliziyweni; futhi ziyamngcolisa umuntu. Ngokuba enhliziyweni kuphuma imicabango emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza; Lezi zizinto ezingcolisa umuntu, kodwa ukudla ngezandla ezingagezwanga akumngcolisi umuntu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 15:1-20