Wabacindezela abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni masinyane, bamendulele, baye ngaphesheya, ukuze ahlakaze izixuku. Esezihlakazile, wenyukela entabeni eyedwa eyokhuleka; kwasekuhlwile, futhi eyedwa lapho. Kepha isikebhe sasesiqhele ibanga ogwini, sishukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambana nabo. Kuthe ngomlindo wesine wobusuku uJesu weza kubo ehamba phezu kolwandle. Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa wuvalo, bethi ngumungcwi; bakhala ngokwesaba. UJesu wakhuluma nabo ngokushesha, wathi: “Yimani isibindi; yiMina, ningesabi.” UPhethro wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe ngempela, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.” UJesu wayesethi: “Woza.” UPhethro wehla-ke esikebheni, wahamba phezu kwamanzi, waya kuJesu. Kepha kuthe ebona umoya onamandla, wesaba; eseqala ukucwila wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!” Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?” Sebegibele esikebheni, umoya wathula.
Funda NgokukaMathewu 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 14:22-32
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo