NgokukaMathewu 14:22-32

NgokukaMathewu 14:22-32 ZUL59

Wayesecindezela masinyane abafundi ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, aze amukise izixuku. Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile, wayeyedwa lapho. Kepha umkhumbi wawususukile amastadiyu* amaningi emhlabathini, ushukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene nabo. Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle. Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba. Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.” UPetru wayesephendula, wathi kuye: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.” Wayesethi: “Woza.” Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu. Kepha ebona umoya wesaba; eseqala ukushona wakhala wathi: “Nkosi, ngisindise!” Masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?” Sebekhwele emkhunjini, umoya wanqamuka.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 14:22-32