NgokukaMathewu 14:15-21

NgokukaMathewu 14:15-21 ZUL20

Kuthe selishonile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane futhi nelanga selizilahle kunina; tshela izixuku zihambe ziye emizaneni, ziyozithengela ukudla.” Kepha uJesu wathi kubo: “Akudingekile ukuba bahambe; bapheni nina ukudla.” Bathi kuye: “Asinalutho lapha, kuphela izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili.” Wayesethi: “Kuletheni lapha kimi.” Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi otshanini, wathatha izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wakubusisa, wakuhlephula, wakunika abafundi, baphakela izixuku. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eyayisele, yagcwala iziqabetho ezili-12. Labo abadlayo kwakungamadoda abalelwa ezi-5 000, ngaphandle kwabesifazane nezingane.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 14:15-21