NgokukaMathewu 14:15-21
NgokukaMathewu 14:15-21 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi sekuhlwile, beza kuye abafundi bakhe, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; yekela izixuku zihambe, ukuze ziye emizaneni, zizithengele ukudla. Kepha uJesu wathi kubo: “Akudingeki ukuba bamuke; bapheni nina ukudla. Bathi kuye: Sinazo lapha kuphela izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili. Wathi: Ziletheni lapha kimi. Wayala isixuku ukuba sihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele. Lababedlile kwakungamadoda angathi izinkulungwane ezinhlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana.
NgokukaMathewu 14:15-21 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe selishonile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane futhi nelanga selizilahle kunina; tshela izixuku zihambe ziye emizaneni, ziyozithengela ukudla.” Kepha uJesu wathi kubo: “Akudingekile ukuba bahambe; bapheni nina ukudla.” Bathi kuye: “Asinalutho lapha, kuphela izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili.” Wayesethi: “Kuletheni lapha kimi.” Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi otshanini, wathatha izinkwa ezinhlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wakubusisa, wakuhlephula, wakunika abafundi, baphakela izixuku. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eyayisele, yagcwala iziqabetho ezili-12. Labo abadlayo kwakungamadoda abalelwa ezi-5 000, ngaphandle kwabesifazane nezingane.
NgokukaMathewu 14:15-21 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Selishonile, abafundi bakhe beza kuye, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; mukisa izixuku ukuba ziye emizaneni, zizithengele ukudla.” Kepha uJesu wathi kubo: “Akuswelekile ukuba bamuke; bapheni nina ukudla.” Bathi kuye: “Asinalutho lapha, kuphela izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili.” Wayesethi: “Ziletheni lapha kimi.” Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku. Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele. Kepha abadlayo kwakungathi amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana.
NgokukaMathewu 14:15-21 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)