Mathewu 14

14
Mathewu 14
1Ngalesosikhathi uHerodi umtetrarki wezwa indumela kaJesu.
2Wasesithi ezincekwini zakhe: Lo nguJohane uMbhabhathizi; uvukile kwabafileyo; ngakho-ke imisebenzi yamandla iyabonakala kuye.
3Ngokuba uHerode wayembambile uJohane, wambopha, wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo.
4Ngokuba uJohane wathi kuye: “Awuvunyelwe ukuba ube naye.
5Kwathi esefuna ukumbulala, wesaba isixuku, ngokuba babethi ungumprofethi.
6Kwathi sekugujwa usuku lokuzalwa kukaHerodi, indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamthokozisa uHerodi.
7Wasethembisa ngesifungo ukuyinika loba yini engayikucela.
8Yayisiyaliwe ngunina yathi: Nginike lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.
9Inkosi yadabuka, nokho ngenxa yesifungo nangalabo ababehlezi nayo ekudleni yayala ukuba inikwe.
10Wasethuma wamquma uJohane ikhanda entolongweni.
11Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana, yaliyisa kunina.
12Kwafika abafundi bakhe, basithatha isidumbu, basimbela; bahamba babikela uJesu.
13UJesu esekuzwile lokho wamuka lapho ngomkhumbi, waya endaweni eyihlane eyedwa. Kwathi izixuku zikuzwile, zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini.
14UJesu esephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngaso, waphulukisa abagulayo babo.
15Kwathi sekuhlwile, beza kuye abafundi bakhe, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; yekela izixuku zihambe, ukuze ziye emizaneni, zizithengele ukudla.
16Kepha uJesu wathi kubo: “Akudingeki ukuba bamuke; bapheni nina ukudla.
17Bathi kuye: Sinazo lapha kuphela izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili.
18Wathi: Ziletheni lapha kimi.
19Wayala isixuku ukuba sihlale phansi etshanini, wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.
20Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele.
21Lababedlile kwakungamadoda angathi izinkulungwane ezinhlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana.
22Khona masinyane uJesu wacindezela abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya, yena esamukisa izixuku.
23Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka; sekuhlwile wayeyedwa lapho.
24Kepha umkhumbi wawususukile elwandle, unyakaziswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene.
25Ngomlindo wesine wobusuku uJesu waya kubo ehamba phezu kolwandle.
26Kuthe abafundi bembona ehamba phezu kolwandle, bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba.
27Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: Manini isibindi; yimina; ningesabi.
28UPetru wamphendula wathi: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.
29Wasesithi: Woza. Futhi lapho uPetru ehla emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, ukuya kuJesu.
30Kodwa ebona umoya wesaba; eseqala ukutshona wakhala wathi: Nkosi, ngisindise.
31Khona masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Wena onokukholwa okuncane, ungabazeleni na?
32Sebengenile emkhunjini, umoya wanqamuka.
33Basebesiza ababesemkhunjini, bakhuleka kuye, besithi: Isibili wena uyiNdodana kaNkulunkulu.
34Sebewelile, bafika ezweni laseGenesaretha.
35Kwathi emazi amadoda akuleyondawo, athumela kulo lonke lelo zwe langakhona, aletha kuye bonke ababegula.
36Bamncenga ukuthi bathinte nje umphetho wengubo yakhe;

Okuqokiwe okwamanje:

Mathewu 14: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo