NgokukaMathewu 13:16-17

NgokukaMathewu 13:16-17 ZUL20

“Kepha abusisiwe amehlo enu, ngokuba ayabona; nezindlebe zenu, lokhu ziyezwa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: baningi abaphrofethi nabalungileyo ababefisa ukubona lokhu enikubonayo, kodwa abakubonanga; nokuzwa lokhu enikuzwayo, kepha abakuzwanga.