Kwaqubuka impikiswano phakathi kwabo yokuthi ngubani ongomkhulu kubo. UJesu eyazi impikiswano esenhliziyweni yabo, wathatha umntwana, wammisa eduze kwakhe, wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana egameni lami, wamukela Mina; ongamukelayo Mina, uyamamukela nongithumileyo, ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.”
UJohane waphendula wathi: “Nkosi, sibone umuntu ekhipha amadimoni ngegama lakho, samnqabela, ngokuba engahambisani nathi.”
Kepha uJesu wathi kuye: “Ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nani, ungakini.”
Kwathi sekusondele izinsuku zokuba enyuselwe ezulwini, wanquma ukuya eJerusalema. Wathumela izithunywa, zamendulela; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungiselele. Kepha awamemukelanga, ngokuba wayelibangise eJerusalema. Abafundi bakhe, oJakobe noJohane, bekubona lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda yini ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwabhubhise na?”
Kepha waphenduka, wabathethisa, wathi: “Anazi ukuthi ningabamuphi umoya. Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukuzobhubhisa imiphefumulo yabantu, kodwa ukuzoyisindisa;” base bedlulela komunye wemizana.
Kuthe besahamba endleleni, othile wathi kuye: “Ngizakukulandela, noma kuphi lapho uya khona.”
UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.”
Wayesethi komunye: “Ngilandele.”
Kepha yena wathi: “Ngivumele ngiyongcwaba ubaba kuqala.”
Kepha wathi kuye: “Yekela abafileyo bambele abafileyo babo, kodwa wena hamba, ushumayele ngombuso kaNkulunkulu.”
Omunye futhi wathi: “Nkosi, ngizakukulandela, kodwa ngivumele ngiyovalelisa kuqala kwabasekhaya.”
Kepha uJesu wathi kuye: “Akekho othi esebeke isandla sakhe egejeni, aphinde abheke emuva, owufanele umbuso kaNkulunkulu.”