NgokukaLuka 9:46-62
NgokukaLuka 9:46-62 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwaqubuka impikiswano phakathi kwabo yokuthi ngubani ongomkhulu kubo. UJesu eyazi impikiswano esenhliziyweni yabo, wathatha umntwana, wammisa eduze kwakhe, wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana egameni lami, wamukela Mina; ongamukelayo Mina, uyamamukela nongithumileyo, ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.” UJohane waphendula wathi: “Nkosi, sibone umuntu ekhipha amadimoni ngegama lakho, samnqabela, ngokuba engahambisani nathi.” Kepha uJesu wathi kuye: “Ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nani, ungakini.” Kwathi sekusondele izinsuku zokuba enyuselwe ezulwini, wanquma ukuya eJerusalema. Wathumela izithunywa, zamendulela; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungiselele. Kepha awamemukelanga, ngokuba wayelibangise eJerusalema. Abafundi bakhe, oJakobe noJohane, bekubona lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda yini ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwabhubhise na?” Kepha waphenduka, wabathethisa, wathi: “Anazi ukuthi ningabamuphi umoya. Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukuzobhubhisa imiphefumulo yabantu, kodwa ukuzoyisindisa;” base bedlulela komunye wemizana. Kuthe besahamba endleleni, othile wathi kuye: “Ngizakukulandela, noma kuphi lapho uya khona.” UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.” Wayesethi komunye: “Ngilandele.” Kepha yena wathi: “Ngivumele ngiyongcwaba ubaba kuqala.” Kepha wathi kuye: “Yekela abafileyo bambele abafileyo babo, kodwa wena hamba, ushumayele ngombuso kaNkulunkulu.” Omunye futhi wathi: “Nkosi, ngizakukulandela, kodwa ngivumele ngiyovalelisa kuqala kwabasekhaya.” Kepha uJesu wathi kuye: “Akekho othi esebeke isandla sakhe egejeni, aphinde abheke emuva, owufanele umbuso kaNkulunkulu.”
NgokukaLuka 9:46-62 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwavela ukuzindlisana phakathi kwabo kokuthi ngubani ongahle abemkhulu kubo. Kuthe uJesu ebona ukuzindla kwenhliziyo yabo, wathabatha umntwana, wammisa phambi kwakhe, wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo; ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.” UJohane waphendula wathi: “Nkosi, sabona umuntu ekhipha amademoni ngegama lakho, samnqabela ngokuba engalandelani nathi.” Kepha uJesu wathi kuye: “Ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nani ungakini.” Kwathi sezizakuphelela izinsuku zokwenyuswa kwakhe, wabhekisa ubuso bakhe ukuya eJerusalema. Wathuma izithunywa phambi kwakhe; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungisele. Kepha awamamukelanga, ngokuba ubuso bakhe babubheke eJerusalema. Kuthe abafundi bakhe oJakobe noJohane sebekubonile lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwaqede, na?” Kepha waguquka, wabakhuza wathi: “Anazi ukuthi ningabomoya muni. Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu kodwa ukuyisindisa,” base beya komunye umuzi. Kwathi behamba endleleni, umuntu othile wathi kuye: “Ngizakukulandela, noma uya ngaphi.” UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.” Wayesethi komunye: “Ngilandele.” Wathi yena: “Ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.” Kepha wathi kuye: “Yeka abafileyo bembele abafileyo babo, kodwa hamba wena, ushumayele umbuso kaNkulunkulu.” Nomunye-ke wathi: “Ngizakukulandela, Nkosi; kepha ngivumele ngiye kuqala ukuyovalelisa abasekhaya.” Kodwa uJesu wathi kuye: “Akakho othi esebeke isandla sakhe egejeni, abuke emuva, ofanele umbuso kaNkulunkulu.”
NgokukaLuka 9:46-62 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwase kuba khona ukuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngubani ongaba mkhulu kubo. UJesu ebona izizindlo zenhliziyo yabo, wathatha umntwana, wammisa eduze kwakhe. Wathi kubo: “Yilowo nalowo owamukela lo mntwana egameni lami uyangamukela mina; UJohane waphendula wathi: “Mfundisi, sabona umuntu ekhipha amademoni ngegama lakho; sasesimenqabela, ngoba engasilandeli. UJesu wathi kuye: “Ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nathi ungakithi. Kwathi sesifikile isikhathi sokuthi anyuswe, waqinisela ubuso bakhe ukuya eJerusalema. Wathuma izithunywa phambi kwakhe, zahamba, zangena emzaneni wamaSamariya ukuba amlungisele. Kodwa kabamemukelanga, ngoba ubuso bakhe babunjengokuya eJerusalema. Kwathi abafundi bakhe oJakobe noJohane bekubona bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, ubaqothule, njengokuba no-Eliya enza na? Kodwa watshibilika, wabakhuza wathi: Kalikwazi ukuthi lingabomoya onjani. Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu, kodwa ukuyisindisa. Bahamba baya komunye umuzi. Kwathi besahamba endleleni, umuntu othile wathi kuye: “Nkosi, ngiyakukulandela noma ngaphi lapho oya khona. UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda. Wasesithi komunye: Ngilandele. Kodwa wathi: Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ngingcwabe ubaba. UJesu wathi kuye: “Yeka abafileyo bembele abafileyo babo; Nomunye wathi: “Nkosi, ngiyakukulandela; kodwa ngivumele ngiqale ngiyevalelisa labo abasekhaya. UJesu wathi kuye: “Akakho othi esebeké isandla sakhe egejeni, abuke emuva, ofanele umbuso kaNkulunkulu.

NgokukaLuka 9:46-62 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)