Kwase kuba khona ukuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngubani ongaba mkhulu kubo. UJesu ebona izizindlo zenhliziyo yabo, wathatha umntwana, wammisa eduze kwakhe. Wathi kubo: “Yilowo nalowo owamukela lo mntwana egameni lami uyangamukela mina; UJohane waphendula wathi: “Mfundisi, sabona umuntu ekhipha amademoni ngegama lakho; sasesimenqabela, ngoba engasilandeli. UJesu wathi kuye: “Ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nathi ungakithi. Kwathi sesifikile isikhathi sokuthi anyuswe, waqinisela ubuso bakhe ukuya eJerusalema. Wathuma izithunywa phambi kwakhe, zahamba, zangena emzaneni wamaSamariya ukuba amlungisele. Kodwa kabamemukelanga, ngoba ubuso bakhe babunjengokuya eJerusalema. Kwathi abafundi bakhe oJakobe noJohane bekubona bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, ubaqothule, njengokuba no-Eliya enza na? Kodwa watshibilika, wabakhuza wathi: Kalikwazi ukuthi lingabomoya onjani. Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu, kodwa ukuyisindisa. Bahamba baya komunye umuzi. Kwathi besahamba endleleni, umuntu othile wathi kuye: “Nkosi, ngiyakukulandela noma ngaphi lapho oya khona. UJesu wathi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke; kodwa iNdodana yomuntu kayilalapho engaqamelisa khona ikhanda. Wasesithi komunye: Ngilandele. Kodwa wathi: Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ngingcwabe ubaba. UJesu wathi kuye: “Yeka abafileyo bembele abafileyo babo; Nomunye wathi: “Nkosi, ngiyakukulandela; kodwa ngivumele ngiqale ngiyevalelisa labo abasekhaya. UJesu wathi kuye: “Akakho othi esebeké isandla sakhe egejeni, abuke emuva, ofanele umbuso kaNkulunkulu.
Funda Luka 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Luka 9:46-62
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo