UJesu esebabizele kuye abali-12, wabanika amandla negunya lokukhipha amadimoni nokuphilisa abagulayo. Wabathuma ukuba bashumayele ngombuso kaNkulunkulu nokuba baphilise abagulayo. Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela: naludondolo, nasikhwama sokuthekela, nasinkwa, namali; ningawaphathi amabhantshi amabili. Noma yiyiphi indlu eningenisa kuyo, hlalani kuyo, nize nihambe lapho. Bonke abangayukunamukela, anothi uma senisuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, ukuze kube ngubufakazi obumelene nabo.”
Baphuma-ke, badabula imizi ngemizi, bevangela, futhi bephilisa abagulayo ezindaweni zonke.
Kwathi uHerode, uMthethrakhi, ezwa ngakho konke okwakwenzeka, wadideka kakhulu, ngokuba abanye bathi kuye uJohane uvukile kwabafileyo, abanye bathi u-Eliya uvukile, nabanye bathi kuvuke umphrofethi othile wasemandulo. Kepha uHerode wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda; pho-ke ngubani lo engizwa ngaye ngalezi zinto na?”
Wafuna ukumbona.
Sebebuyile abaphostoli, bamlandisa ngakho konke abakwenzileyo; wabathatha, wahamba nabo ngasese, baya emzini okuthiwa yiBhethsayida. Kepha izixuku sezazi ngalokho zamlandela; wazemukela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abadinga ukuphiliswa.
Kuthe seliyozilahla kunina, abafundi abali-12 beza kuye, bathi: “Baxoshe abantu baye emizaneni nasemakhaya azungezileyo, bangenise khona, ukuba bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.”
Wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.”
Kepha bathi: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela, ngaphandle-ke uma singahamba siyothengela bonke laba bantu ukudla.”
Lapho kwakukhona amadoda ayelinganiselwa ezi-5 000.
Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngamaqembu angama-50.”
Benza kanjalo, babahlalisa bonke. Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi ukuba bazabele isixuku sabantu. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, engamaqoma ali-12.