NgokukaLuka 9:1-17

NgokukaLuka 9:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo. Wabathuma ukushumayela umbuso kaNkulunkulu nokuphulukisa. Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali, ningabi namabhantshi amabili. Nakuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani lapho, nize nimuke khona. Bonke abanganamukeliyo, anothi nxa nimuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi ngabo.” Bamuka-ke, bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke. Kwathi uHerode umtetrarki* ekuzwa konke okwenzekayo, wasambatheka ngokusho kwabanye ukuthi uJohane uvukile kwabafileyo, ngokwabanye ukuthi u-Eliya ubonakele, ngokwabanye ukuthi kuvukile umprofethi othile kwabadala. Kepha uHerode wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda mina; kodwa ngubani lo engizwa ngaye okunje?” Wafuna ukumbona. Abaphostoli sebebuyile bamlandisa konke abakwenzileyo; wabathatha, wamuka nabo bebodwa ukuya emzini othiwa iBetsayida. Kepha izixuku sezazi zamlandela; wazithakazela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abaswela ukuphulukiswa. Seliqala ukushona, beza kuye abayishumi nambili, bathi: “Bamukise abantu ukuba baye emizaneni nasezweni elizungezileyo, bangenise, bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.” Kepha wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Bathi-ke: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela ngaphandle kokuba siyobathengela bonke laba bantu ukudla.” Ngokuba kwakukhona amadoda okungathi izinkulungwane eziyisihlanu. Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngezigaba ngamashumi ayisihlanu.” Benze njalo, babahlalisa bonke. Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, iziqabetho eziyishumi nambili.

NgokukaLuka 9:1-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Wasebizela ndawonye abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke, nokuphulukisa izifo. Wabathuma ukuthi bashumayele umbuso kaNkulunkulu, baphulukise abagulayo. Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali; futhi ningabi namabhantshi amabili. Nakuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani khona, nimuke lapho. Lalowo ongayikunamukela, anothi niphuma kulowo muzi, nivuthulule nothuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi kubo. Base bemuka, badabula imizi, beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke. Kepha uHerode umtetrarki wezwa konke okwenziwa nguye, wasambatheka, ngokuba abanye bathi uJohane uvukile kwabafileyo; labanye ukuthi uEliya ubonakele; labanye ukuthi kwavuka omunye wabaprofethi abadala. UHerodi wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda; wasefisa ukumbona. Sebebuyile abaphostoli bamtshela konke ababekwenzile. Wabathatha, wamuka nabo bebodwa endaweni eyihlane yomuzi othiwa iBetsayida. Kwathi isixuku sekwazi lokho, samlandela; Kwathi sekuqala ukuhwalala, kwafika abalitshumi lambili, bathi kuye: Yekisa ixuku lihambe, ukuze baye emizaneni lesemaphandleni, balale, bathole ukudla; ngoba lapha sisenkangala. indawo. Kodwa wathi kubo: Bapheni lina ukudla. Base bethi: “Asisenazinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili; ngaphandle kokuthi sihambe sibathengele bonke lababantu inyama. Ngokuba kwakungamadoda angathi izinkulungwane eziyisihlanu. Wasesithi kubafundi bakhe: Bahlaliseni phansi ngamaviyo ngamatshumi amahlanu. Benza njalo, babahlalisa bonke. Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babeke phambi kwesixuku. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eseleyo kubo, iziqabetho eziyishumi nambili.

NgokukaLuka 9:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

UJesu esebabizele kuye abali-12, wabanika amandla negunya lokukhipha amadimoni nokuphilisa abagulayo. Wabathuma ukuba bashumayele ngombuso kaNkulunkulu nokuba baphilise abagulayo. Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela: naludondolo, nasikhwama sokuthekela, nasinkwa, namali; ningawaphathi amabhantshi amabili. Noma yiyiphi indlu eningenisa kuyo, hlalani kuyo, nize nihambe lapho. Bonke abangayukunamukela, anothi uma senisuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, ukuze kube ngubufakazi obumelene nabo.” Baphuma-ke, badabula imizi ngemizi, bevangela, futhi bephilisa abagulayo ezindaweni zonke. Kwathi uHerode, uMthethrakhi, ezwa ngakho konke okwakwenzeka, wadideka kakhulu, ngokuba abanye bathi kuye uJohane uvukile kwabafileyo, abanye bathi u-Eliya uvukile, nabanye bathi kuvuke umphrofethi othile wasemandulo. Kepha uHerode wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda; pho-ke ngubani lo engizwa ngaye ngalezi zinto na?” Wafuna ukumbona. Sebebuyile abaphostoli, bamlandisa ngakho konke abakwenzileyo; wabathatha, wahamba nabo ngasese, baya emzini okuthiwa yiBhethsayida. Kepha izixuku sezazi ngalokho zamlandela; wazemukela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abadinga ukuphiliswa. Kuthe seliyozilahla kunina, abafundi abali-12 beza kuye, bathi: “Baxoshe abantu baye emizaneni nasemakhaya azungezileyo, bangenise khona, ukuba bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.” Wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Kepha bathi: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela, ngaphandle-ke uma singahamba siyothengela bonke laba bantu ukudla.” Lapho kwakukhona amadoda ayelinganiselwa ezi-5 000. Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngamaqembu angama-50.” Benza kanjalo, babahlalisa bonke. Wazithatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wazinika abafundi ukuba bazabele isixuku sabantu. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, engamaqoma ali-12.

NgokukaLuka 9:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo. Wabathuma ukushumayela umbuso kaNkulunkulu nokuphulukisa. Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali, ningabi namabhantshi amabili. Nakuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani lapho, nize nimuke khona. Bonke abanganamukeliyo, anothi nxa nimuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi ngabo.” Bamuka-ke, bahamba imizi ngemizi beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke. Kwathi uHerode umtetrarki* ekuzwa konke okwenzekayo, wasambatheka ngokusho kwabanye ukuthi uJohane uvukile kwabafileyo, ngokwabanye ukuthi u-Eliya ubonakele, ngokwabanye ukuthi kuvukile umprofethi othile kwabadala. Kepha uHerode wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda mina; kodwa ngubani lo engizwa ngaye okunje?” Wafuna ukumbona. Abaphostoli sebebuyile bamlandisa konke abakwenzileyo; wabathatha, wamuka nabo bebodwa ukuya emzini othiwa iBetsayida. Kepha izixuku sezazi zamlandela; wazithakazela, wakhuluma kuzo ngombuso kaNkulunkulu, wabaphulukisa abaswela ukuphulukiswa. Seliqala ukushona, beza kuye abayishumi nambili, bathi: “Bamukise abantu ukuba baye emizaneni nasezweni elizungezileyo, bangenise, bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.” Kepha wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.” Bathi-ke: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela ngaphandle kokuba siyobathengela bonke laba bantu ukudla.” Ngokuba kwakukhona amadoda okungathi izinkulungwane eziyisihlanu. Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngezigaba ngamashumi ayisihlanu.” Benze njalo, babahlalisa bonke. Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, iziqabetho eziyishumi nambili.

NgokukaLuka 9:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Wasebizela ndawonye abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke, nokuphulukisa izifo. Wabathuma ukuthi bashumayele umbuso kaNkulunkulu, baphulukise abagulayo. Wathi kubo: “Ningaphathi lutho lwendlela, naludondolo, nasikhwama, nasinkwa, namali; futhi ningabi namabhantshi amabili. Nakuyiphi indlu eningena kuyo, hlalani khona, nimuke lapho. Lalowo ongayikunamukela, anothi niphuma kulowo muzi, nivuthulule nothuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi kubo. Base bemuka, badabula imizi, beshumayela ivangeli, bephulukisa ezindaweni zonke. Kepha uHerode umtetrarki wezwa konke okwenziwa nguye, wasambatheka, ngokuba abanye bathi uJohane uvukile kwabafileyo; labanye ukuthi uEliya ubonakele; labanye ukuthi kwavuka omunye wabaprofethi abadala. UHerodi wathi: “UJohane ngamnquma ikhanda; wasefisa ukumbona. Sebebuyile abaphostoli bamtshela konke ababekwenzile. Wabathatha, wamuka nabo bebodwa endaweni eyihlane yomuzi othiwa iBetsayida. Kwathi isixuku sekwazi lokho, samlandela; Kwathi sekuqala ukuhwalala, kwafika abalitshumi lambili, bathi kuye: Yekisa ixuku lihambe, ukuze baye emizaneni lesemaphandleni, balale, bathole ukudla; ngoba lapha sisenkangala indawo. Kodwa wathi kubo: Bapheni lina ukudla. Base bethi: “Asisenazinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili; ngaphandle kokuthi sihambe sibathengele bonke lababantu inyama. Ngokuba kwakungamadoda angathi izinkulungwane eziyisihlanu. Wasesithi kubafundi bakhe: Bahlaliseni phansi ngamaviyo ngamatshumi amahlanu. Benza njalo, babahlalisa bonke. Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babeke phambi kwesixuku. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eseleyo kubo, iziqabetho eziyishumi nambili.