NgokukaLuka 8:49-56

NgokukaLuka 8:49-56 ZUL20

Esakhuluma uJesu, kwafika othile evela emzini womphathi wesinagoge, wathi kuye: “Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.” UJesu emuzwa lowo, waphendula wathi kuye: “Ungesabi; kholwa kuphela; indodakazi izakusinda.” Sebefikile endlini yomphathi wesinagoge, akavumelanga muntu ukuba angene endlini naye, kuphela uPhethro, uJohane, uJakobe uyise nonina bentombazane. Bonke babekhala, belila, kodwa wathi kubo: “Ningakhali, ayifile; ilele.” Bamhleka usulu ngoba bazi ukuthi ife ngempela. Kepha Yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: “Ntombazana, vuka!” Khona manjalo umoya wayo wabuyela kuyo, yavuka ngokushesha; wabayala ukuba bayinike ukudla. Abazali bayo bamangala. UJesu wabayala ukuba bangatsheli muntu ngalokho okwenzekileyo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 8:49-56