NgokukaLuka 8:49-56

NgokukaLuka 8:49-56 ZUL59

Esakhuluma, kwafika othile evela kwamphathi wesinagoge,* wathi kuye: “Indodakazi yakho isifile; ungabe usamkhathaza uMfundisi.” Kepha uJesu ekuzwa lokho wamphendula wathi: “Ungesabi, kholwa kuphela; izakusinda.” Esefike endlini kavumanga ukuba kungene muntu naye, kuphela oPetru, noJohane, noJakobe, noyise wentombazana, nonina. Babekhala bonke beyililela; kepha wathi: “Ningakhali; ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu, bazi ukuthi ifile. Kepha yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: “Ntombazana, vuka!” Wabuyela umoya wayo, yavuka khona lapho; wayala ukuba inikwe ukudla. Abazali bayo bethuka; wabayala ukuba bangatsheli muntu okwenzekileyo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 8:49-56