NgokukaLuka 7:18-22

NgokukaLuka 7:18-22 ZUL20

Abafundi bakaJohane bambikela ngazo zonke lezi zinto. UJohane wayesebiza ababili kubafundi bakhe, wabathumela eNkosini, wathi: “Unguye yini ozayo, noma silindele omunye na?” Afika kuye lawo madoda, athi: “Sithunyiwe kuwe nguJohane uMbhabhadisi, obuza ukuthi: ‘Unguye yini ozayo, noma silindele omunye na?’ ” Ngaleso sikhathi iNkosi yaphulukisa abaningi ababekhungethwe yizifo, nezinhlungu, nomoya ababi. Wavula namehlo ezimpumputhe eziningi, zabona. UJesu waphendula, wathi kuwo: “Hambani nilandise uJohane ngalokho enikubonileyo nenikuzwileyo, nithi: izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli.