NgokukaLuka 7:18-22
NgokukaLuka 7:18-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Abafundi bakaJohane bamtshela ngazo zonke lezizinto. UJohane esebizele kuye ababili kubafundi bakhe, wabathuma kuJesu ukuthi: “Wena unguye ozayo na? noma sifuna omunye? Kwathi efika kuye amadoda athi: UJohane uMbhabhathizi usithumile kuwe esithi: Wena unguye ozayo yini? noma sifuna omunye? Ngaleso sikhathi waphulukisa abaningi ezifweni zabo, nasezifweni, nasemoyeni ababi; nezimpumputhe eziningi wazipha ukubona. UJesu waphendula wathi kubo: “Hambani nimtshele uJohane lokho enikubonile nenikuzwile; ukuthi izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayelwa ivangeli.
NgokukaLuka 7:18-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Abafundi bakaJohane bambikela ngazo zonke lezi zinto. UJohane wayesebiza ababili kubafundi bakhe, wabathumela eNkosini, wathi: “Unguye yini ozayo, noma silindele omunye na?” Afika kuye lawo madoda, athi: “Sithunyiwe kuwe nguJohane uMbhabhadisi, obuza ukuthi: ‘Unguye yini ozayo, noma silindele omunye na?’ ” Ngaleso sikhathi iNkosi yaphulukisa abaningi ababekhungethwe yizifo, nezinhlungu, nomoya ababi. Wavula namehlo ezimpumputhe eziningi, zabona. UJesu waphendula, wathi kuwo: “Hambani nilandise uJohane ngalokho enikubonileyo nenikuzwileyo, nithi: izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli.
NgokukaLuka 7:18-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Abafundi bakaJohane bambikela ngazo zonke lezo zinto. UJohane wayesebiza ababili kubafundi bakhe, wabathumela eNkosini, wathi: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?” Amadoda esefikile kuyo athi: “UJohane uMbhapathizi usithumele kuwe, ethi: ‘Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?’ ” Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi ezifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona. Yaphendula, yathi kuwo: “Hambani nimlandise uJohane lokho enikubonile nenikuzwile ukuthi: Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli
NgokukaLuka 7:18-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)