NgokukaLuka 7:18-22

NgokukaLuka 7:18-22 ZUL59

Abafundi bakaJohane bambikela ngazo zonke lezo zinto. UJohane wayesebiza ababili kubafundi bakhe, wabathumela eNkosini, wathi: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?” Amadoda esefikile kuyo athi: “UJohane uMbhapathizi usithumele kuwe, ethi: ‘Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?’ ” Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi ezifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona. Yaphendula, yathi kuwo: “Hambani nimlandise uJohane lokho enikubonile nenikuzwile ukuthi: Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli