Kwathi ngesabatha, uJesu nabafundi bakhe bedabula emasimini, abafundi bakhe bakha izikhwebu, bazihlikihla ngezandla, bazidla. Kepha abanye babaFarisi bathi: “Nikwenzelani okungavunyelwe ngesabatha na?”
UJesu wabaphendula, wathi: “Anifundanga yini ngokwenziwa nguDavide mhlazana yena nababenaye belambile, ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zobukhona, okungavunyelwe ukuba zidliwe yinoma ngubani ngaphandle kwabaphristi kuphela, wazidla, wanika nababenaye na?”
Wathi kubo: “Indodana yomuntu iyiNkosi yesabatha.”
Kwathi ngelinye isabatha uJesu wangena esinagogeni, wafundisa. Kwakukhona lapho umuntu owayeshwabene isandla sokunene. Izazimthetho nabaFarisi babeqaphile ukuthi uzakuphulukisa yini ngesabatha, ukuze bathole utho abangambeka icala ngalo. Kepha uJesu ekwazi abakudlinzayo, wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma ume phakathi nendawo.”
Yasukuma, yema.
UJesu wathi kubo: “Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe yini ukwenza okuhle noma okubi ngesabatha, ukusindisa noma ukubulala na?”
Wabaqalaza bonke qede wathi kuyo: “Yelula isandla sakho.”
Yenza kanjalo, isandla sayo saphiliswa. Bathukuthela bathelwa ngamanzi, bakhuluma bodwa bebonisana ukuthi bangamenzenjani uJesu.
Kwathi ngalezo zinsuku uJesu waphuma waya entabeni eyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu. Kuthe sekusile, wababiza abafundi bakhe, wakhetha kubo abali-12, wababiza ngokuthi abaphostoli: USimoni owamqamba wathi nguPhethro, abanye kwakungo-Andreya umfowabo, uJakobe, uJohane, uFiliphu, uBhartholomewu, uMathewu, uThomase, uJakobe ka-Alifewu, uSimoni okuthiwa isishisekeli, uJuda kaJakobe, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.
Wayesehla nabo, wema endaweni eyithafa nesixuku esikhulu sabafundi bakhe, noquqaba lwabantu ababevela kulo lonke iJudiya, eJerusalema, nangasolwandle iThire neSidoni, ababeze ukuzomlalela nokuba baphulukiswe ezifeni zabo, nalabo ababehlushwa ngomoya abangcolileyo; baphulukiswa. Sonke isixuku sasifuna ukumthinta, ngokuba kwakunamandla ayephuma kuye aphilisa bonke.
UJesu, ewaphakamisela amehlo ngakubafundi, wathi:
“Nibusisiwe nina enimpofu,
ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.
Nibusisiwe nina enilambileyo manje,
ngokuba niyakusuthiswa.
Nibusisiwe nina enikhalayo manje,
ngokuba niyakuhleka.
Nibusisiwe nxa abantu benizonda,
benihlulula, benithuka,
belichitha igama lenu sengathi libi,
ngenxa yeNdodana yomuntu.
“Thokozani ngalolo lusuku, nitshekulise okwamathole yinjabulo. Ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini. Oyise benza kanjalo kubaphrofethi.
“Kepha maye, kinina enicebileyo,
ngokuba senikwemukele ukududuzwa kwenu!
Maye, kinina enisuthiyo manje,
ngokuba niyakulamba!
Maye, kinina enihlekayo manje,
ngokuba niyakukhala, nikhihle isililo!
Maye, kinina nonke
abantu abakhuluma kahle ngani,
ngokuba oyise benza kanjalo
kubaphrofethi mbumbulu.