NgokukaLuka 6:1-26

NgokukaLuka 6:1-26 ZUL59

Kwathi ngesabatha wadabula amasimu; abafundi bakhe bakha izikhwebu, badla bezihlikihla ngezandla. Kepha abathile babaFarisi bathi: “Nenzelani lokho okungavunyelwe ngesabatha na?” UJesu ebaphendula wathi: “Anifundanga yini ngalokho akwenza uDavide mhla elambile yena nababe naye ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wadla, wanika nababe naye, na?” Wathi kubo: “INdodana yomuntu iyiNkosi neyesabatha.” Kwathi-ke ngelinye isabatha wangena esinagogeni,* wafundisa. Kwakukhona umuntu lapho osandla sakhe sokunene sasishwabene. Ababhali nabaFarisi bamqaphelisisa ukuthi uyaphilisa yini ngesabatha, ukuze bathole ukumbeka icala. Kepha wazazi izizindlo zabo wathi kuyo indoda esandla sishwabene: “Sukuma, ume phakathi.” Wasukuma-ke, wema. UJesu wathi kubo: “Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala, na?” Esebaqalazile bonke wathi kuye: “Yelula isandla sakho.” Wenze njalo-ke saze saphiliswa isandla sakhe. Base begcwala ukuhlanya, bakhuluma bodwa ngokuthi bangamenze njani uJesu. Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu. Kwathi sekusile, wababiza abafundi bakhe, wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba ngokuthi abaphostoli: uSimoni owamqamba ngokuthi uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe, noJohane, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni othiwa isishisekeli, noJuda kaJakobe, noJuda Iskariyothe owaba ngumkhapheli. Khona wehla nabo, wema endaweni eyithafa kanye nesixuku esikhulu sabafundi bakhe noquqaba lwabantu abavela kulo lonke laseJudiya, naseJerusalema, nangaselwandle lwaseTire neSidoni, ababezile ukumuzwa nokuphulukiswa ezifweni zabo; nababekhathazwa ngawomoya abangcolileyo baphulukiswa. Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwakuphuma kuye amandla abaphilisa bonke. Wayesephakamisela amehlo akhe ngakubafundi bakhe, wathi: “Nibusisiwe nina bampofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu. Nibusisiwe nina balambileyo kalokhu, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina bakhalayo kalokhu, ngokuba niyakuhleka. Nibusisiwe, nxa abantu benizonda nanxa benicwasa, benithuka, belilahla igama lenu ngokungathi libi ngenxa yeNdodana yomuntu. “Thokozani ngalolo suku, nigxume; ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi. “Kepha maye kinina bacebileyo, ngokuba niyamukele induduzo yenu! Maye kinina basuthiyo kalokhu, ngokuba niyakulamba! Maye kinina bahlekayo kalokhu, ngokuba niyakulila, nikhale! Maye kinina, nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani, ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga!

Ividiyo ye- NgokukaLuka 6:1-26