NgokukaLuka 6:1-26
NgokukaLuka 6:1-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngesabatha, uJesu nabafundi bakhe bedabula emasimini, abafundi bakhe bakha izikhwebu, bazihlikihla ngezandla, bazidla. Kepha abanye babaFarisi bathi: “Nikwenzelani okungavunyelwe ngesabatha na?” UJesu wabaphendula, wathi: “Anifundanga yini ngokwenziwa nguDavide mhlazana yena nababenaye belambile, ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zobukhona, okungavunyelwe ukuba zidliwe yinoma ngubani ngaphandle kwabaphristi kuphela, wazidla, wanika nababenaye na?” Wathi kubo: “Indodana yomuntu iyiNkosi yesabatha.” Kwathi ngelinye isabatha uJesu wangena esinagogeni, wafundisa. Kwakukhona lapho umuntu owayeshwabene isandla sokunene. Izazimthetho nabaFarisi babeqaphile ukuthi uzakuphulukisa yini ngesabatha, ukuze bathole utho abangambeka icala ngalo. Kepha uJesu ekwazi abakudlinzayo, wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma ume phakathi nendawo.” Yasukuma, yema. UJesu wathi kubo: “Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe yini ukwenza okuhle noma okubi ngesabatha, ukusindisa noma ukubulala na?” Wabaqalaza bonke qede wathi kuyo: “Yelula isandla sakho.” Yenza kanjalo, isandla sayo saphiliswa. Bathukuthela bathelwa ngamanzi, bakhuluma bodwa bebonisana ukuthi bangamenzenjani uJesu. Kwathi ngalezo zinsuku uJesu waphuma waya entabeni eyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu. Kuthe sekusile, wababiza abafundi bakhe, wakhetha kubo abali-12, wababiza ngokuthi abaphostoli: USimoni owamqamba wathi nguPhethro, abanye kwakungo-Andreya umfowabo, uJakobe, uJohane, uFiliphu, uBhartholomewu, uMathewu, uThomase, uJakobe ka-Alifewu, uSimoni okuthiwa isishisekeli, uJuda kaJakobe, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo. Wayesehla nabo, wema endaweni eyithafa nesixuku esikhulu sabafundi bakhe, noquqaba lwabantu ababevela kulo lonke iJudiya, eJerusalema, nangasolwandle iThire neSidoni, ababeze ukuzomlalela nokuba baphulukiswe ezifeni zabo, nalabo ababehlushwa ngomoya abangcolileyo; baphulukiswa. Sonke isixuku sasifuna ukumthinta, ngokuba kwakunamandla ayephuma kuye aphilisa bonke. UJesu, ewaphakamisela amehlo ngakubafundi, wathi: “Nibusisiwe nina enimpofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu. Nibusisiwe nina enilambileyo manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba niyakuhleka. Nibusisiwe nxa abantu benizonda, benihlulula, benithuka, belichitha igama lenu sengathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu. “Thokozani ngalolo lusuku, nitshekulise okwamathole yinjabulo. Ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini. Oyise benza kanjalo kubaphrofethi. “Kepha maye, kinina enicebileyo, ngokuba senikwemukele ukududuzwa kwenu! Maye, kinina enisuthiyo manje, ngokuba niyakulamba! Maye, kinina enihlekayo manje, ngokuba niyakukhala, nikhihle isililo! Maye, kinina nonke abantu abakhuluma kahle ngani, ngokuba oyise benza kanjalo kubaphrofethi mbumbulu.
NgokukaLuka 6:1-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngesabatha wadabula amasimu; abafundi bakhe bakha izikhwebu, badla bezihlikihla ngezandla. Kepha abathile babaFarisi bathi: “Nenzelani lokho okungavunyelwe ngesabatha na?” UJesu ebaphendula wathi: “Anifundanga yini ngalokho akwenza uDavide mhla elambile yena nababe naye ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wadla, wanika nababe naye, na?” Wathi kubo: “INdodana yomuntu iyiNkosi neyesabatha.” Kwathi-ke ngelinye isabatha wangena esinagogeni,* wafundisa. Kwakukhona umuntu lapho osandla sakhe sokunene sasishwabene. Ababhali nabaFarisi bamqaphelisisa ukuthi uyaphilisa yini ngesabatha, ukuze bathole ukumbeka icala. Kepha wazazi izizindlo zabo wathi kuyo indoda esandla sishwabene: “Sukuma, ume phakathi.” Wasukuma-ke, wema. UJesu wathi kubo: “Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala, na?” Esebaqalazile bonke wathi kuye: “Yelula isandla sakho.” Wenze njalo-ke saze saphiliswa isandla sakhe. Base begcwala ukuhlanya, bakhuluma bodwa ngokuthi bangamenze njani uJesu. Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu. Kwathi sekusile, wababiza abafundi bakhe, wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba ngokuthi abaphostoli: uSimoni owamqamba ngokuthi uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe, noJohane, noFiliphu, noBartolomewu, noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni othiwa isishisekeli, noJuda kaJakobe, noJuda Iskariyothe owaba ngumkhapheli. Khona wehla nabo, wema endaweni eyithafa kanye nesixuku esikhulu sabafundi bakhe noquqaba lwabantu abavela kulo lonke laseJudiya, naseJerusalema, nangaselwandle lwaseTire neSidoni, ababezile ukumuzwa nokuphulukiswa ezifweni zabo; nababekhathazwa ngawomoya abangcolileyo baphulukiswa. Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwakuphuma kuye amandla abaphilisa bonke. Wayesephakamisela amehlo akhe ngakubafundi bakhe, wathi: “Nibusisiwe nina bampofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu. Nibusisiwe nina balambileyo kalokhu, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina bakhalayo kalokhu, ngokuba niyakuhleka. Nibusisiwe, nxa abantu benizonda nanxa benicwasa, benithuka, belilahla igama lenu ngokungathi libi ngenxa yeNdodana yomuntu. “Thokozani ngalolo suku, nigxume; ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi. “Kepha maye kinina bacebileyo, ngokuba niyamukele induduzo yenu! Maye kinina basuthiyo kalokhu, ngokuba niyakulamba! Maye kinina bahlekayo kalokhu, ngokuba niyakulila, nikhale! Maye kinina, nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani, ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga!
NgokukaLuka 6:1-26 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi ngesabatha lesibili ngesabatha lokuqala, wadabula amasimu; abafundi bakhe bakha izikhwebu, badla, bezihlikihla ngezandla. Abanye babaFarisi bathi kubo: “Nenzelani okungavunyelwe ukwenziwa ngesabatha na? UJesu wabaphendula wathi: “Anifundanga yini nalokhu akwenzayo uDavide mhla elambile yena nababe naye; Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zokubukwa, wadla, wanika nababe naye; okungavunyelwe ukudliwa ngaphandle kwabapristi bodwa? Wasesithi kubo: INdodana yomuntu iyiNkosi leyesabatha. Kwathi futhi ngelinye isabatha wangena esinagogeni, wafundisa; kwakukhona umuntu osandla sakhe sokunene sasishwabene. Ababhali nabaFarisi bamqaphela ukuthi uyakwelapha ngesabatha; ukuze bathole ukumbeka icala. Kodwa yena wayeyazi imicabango yabo, wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi.” Wasukuma wema. UJesu wasesithi kubo: Ngizalibuza ilizwi libe linye; Kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi na? ukusindisa ukuphila, noma ukukubhubhisa? Wasebaqalaza bonke, wathi endodeni: Yelula isandla sakho. Wenze njalo: saphiliswa isandla sakhe, saba njengesinye. Base begcwala ukuhlanya; basebekhulumisana bodwa ukuthi bangamenzani uJesu. Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu. Kwathi sekusile, wabizela kuye abafundi bakhe, wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba futhi ngokuthi abaphostoli; uSimoni owaqamba laye ngokuthi nguPetro, loAndreya umfowabo, uJakobe, loJohane, loFiliphu, loBartolomewu, uMathewu loTomasi, uJakobe kaAlfewu, loSimoni othiwa nguZelote, noJuda umfowabo kaJakobe, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo. Wehla nabo, wema ethafeni, nesixuku sabafundi bakhe, nesixuku esikhulu sabantu abavela kulo lonke elaseJudiya neJerusalema, nasogwini lolwandle lwaseTire neSidoni, abeza ukuzomuzwa, bamlalele. ukuphulukiswa ezifweni zabo; Lababekhathazwa omoya abangcolileyo, basiliswa. Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwaphuma amandla kuye, abaphulukisa bonke. Waphakamisela amehlo akhe kubafundi bakhe, wathi: “Manibusiswe nina bampofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu. Nibusisiwe nina enilambile manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba nizakuhleka. Nibusisiwe, nxa abantu benizonda, nalapho benihlukanisa, benithuka, belahla igama lenu ngokungathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu. Thokozani ngalolo suku, nigxumagxume, ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba benze njalo oyise kubaprofethi. Kodwa maye kini lina elicebileyo! ngokuba seniyitholile induduzo yenu. Maye kini enisuthi! ngoba nizakulamba. Maye kinina enihlekayo manje! ngokuba niyakulila, nikhale. Maye kini, nxa bonke abantu bekhuluma kahle ngani! ngoba oyise babo benza njalo kubaprofethi bamanga.
NgokukaLuka 6:1-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi ngesabatha lesibili ngesabatha lokuqala, wadabula amasimu; abafundi bakhe bakha izikhwebu, badla, bezihlikihla ngezandla. Abanye babaFarisi bathi kubo: “Nenzelani okungavunyelwe ukwenziwa ngesabatha na? UJesu wabaphendula wathi: “Anifundanga yini nalokhu akwenzayo uDavide mhla elambile yena nababe naye; Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zokubukwa, wadla, wanika nababe naye; okungavunyelwe ukudliwa ngaphandle kwabapristi bodwa? Wasesithi kubo: INdodana yomuntu iyiNkosi leyesabatha. Kwathi futhi ngelinye isabatha wangena esinagogeni, wafundisa; kwakukhona umuntu osandla sakhe sokunene sasishwabene. Ababhali nabaFarisi bamqaphela ukuthi uyakwelapha ngesabatha; ukuze bathole ukumbeka icala. Kodwa yena wayeyazi imicabango yabo, wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi.” Wasukuma wema. UJesu wasesithi kubo: Ngizalibuza ilizwi libe linye; Kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi na? ukusindisa ukuphila, noma ukukubhubhisa? Wasebaqalaza bonke, wathi endodeni: Yelula isandla sakho. Wenze njalo: saphiliswa isandla sakhe, saba njengesinye. Base begcwala ukuhlanya; basebekhulumisana bodwa ukuthi bangamenzani uJesu. Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu. Kwathi sekusile, wabizela kuye abafundi bakhe, wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba futhi ngokuthi abaphostoli; uSimoni owaqamba laye ngokuthi nguPetro, loAndreya umfowabo, uJakobe, loJohane, loFiliphu, loBartolomewu, uMathewu loTomasi, uJakobe kaAlfewu, loSimoni othiwa nguZelote, noJuda umfowabo kaJakobe, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo. Wehla nabo, wema ethafeni, nesixuku sabafundi bakhe, nesixuku esikhulu sabantu abavela kulo lonke elaseJudiya neJerusalema, nasogwini lolwandle lwaseTire neSidoni, abeza ukuzomuzwa, bamlalele. Ukuphulukiswa ezifweni zabo; Lababekhathazwa omoya abangcolileyo, basiliswa. Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwaphuma amandla kuye, abaphulukisa bonke. Waphakamisela amehlo akhe kubafundi bakhe, wathi: “Manibusiswe nina bampofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu. Nibusisiwe nina enilambile manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba nizakuhleka. Nibusisiwe, nxa abantu benizonda, nalapho benihlukanisa, benithuka, belahla igama lenu ngokungathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu. Thokozani ngalolo suku, nigxumagxume, ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba benze njalo oyise kubaprofethi. Kodwa maye kini lina elicebileyo! ngokuba seniyitholile induduzo yenu. Maye kini enisuthi! ngoba nizakulamba. Maye kinina enihlekayo manje! ngokuba niyakulila, nikhale. Maye kini, nxa bonke abantu bekhuluma kahle ngani! ngoba oyise babo benza njalo kubaprofethi bamanga.