Kwaba nabafundi ababili ababehamba ngalolo lusuku, beya emzaneni okuthiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema, amastadiyu angama-60. Babehamba bexoxa ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo. Besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo. Kepha wafihlakala kubo, bangambona ukuthi ungubani. Wayesethi kubo: “Zindaba zini lezi enihamba nizidingida na?”
Base bema bedangele. Omunye wabo, ogama lakhe nguKleyophase, waphendula, wathi kuye: “Ngabe nguwe wedwa yini oyisihambi eJerusalema, ongazazi izinto ezenzekileyo khona kulezi zinsuku na?”
Wayesethi kubo: “Zinto zini na?”
Bathi: “NgoJesu waseNazaretha, obengumphrofethi onamandla ngezenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke, nokuthi abaphristi abakhulu nababusi bethu bamnikela kanjani ukuba agwetshelwe ukufa, bambethele esiphambanweni. Thina-ke besethembile ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli. Kepha sekuwusuku lwesithathu zenzekile zonke lezi zinto. Phezu kwalokho abesifazane abathile bakithi basethusile, abebeyile ethuneni ekuseni ngovivi. Kuthe uma bengasitholi isidumbu sakhe, bafika bathi babone nombono wezingelosi ezithe uyaphila. Nabanye bethu bayile ethuneni, bafica kunjengokuba beshilo abesifazane, kodwa Yena uqobo abambonanga.”
UJesu wayesethi kubo: “Maye, nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke okwashiwo abaphrofethi! Kanti uKhristu ubengamelwe yini ukuba ahlupheke ngalokho, bese engena enkazimulweni yakhe na?”
Wayesebachazela konke okusemibhalweni ngaye, kusukela kuMose nakubaphrofethi bonke.
Base besondela emzaneni ababeya kuwo. Yena washaya sengathi uyedlula lapho, kodwa bamncengisisa, bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.”
Wangena wahlala nabo.
Kuthe esehleli nabo sebezokudla, wathatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona. Ayesevuleka amehlo abo, bambona ukuthi ungubani, wayesenyamalala kubo. Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, ngesikhathi ekhuluma nathi endleleni, esichazela imibhalo na?”
Basuka ngaleso sikhathi, babuyela eJerusalema, bafica abali-11 behlangene ndawonye nabanye ababenabo, bethi: “Nembala iNkosi ivukile, izibonakalisile kuSimoni.”
Base nabo bebalandisa ngokwakwenzeke endleleni, nokuthi bayazi kanjani ukuthi yiyo iNkosi, ngokuhlephula isinkwa.
Kuthe besakhuluma ngalezi zinto, uJesu uqobo wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kini.”