NgokukaLuka 24:13-36
NgokukaLuka 24:13-36 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bheka-ke, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu* angamashumi ayisithupha. Babekhulumisana omunye nomunye ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo. Kwathi besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo. Kepha amehlo abo abebambekile ukuba bangamazi. Wathi kubo: “Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye nomunye nihamba na?” Base bema benyukumele. Omunye, nguKleyophase igama lakhe, waphendula, wathi kuye: “Wena uyisihambi eJerusalema, ungoyedwa ongazazi izinto ezenzekileyo khona ngalezi zinsuku na?” Wayesethi kubo: “Zinto zini na?” Bathi kuye: “NgoJesu waseNazaretha obengumprofethi onamandla ngesenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke, ukuthi abapristi abakhulu nababusi bethu bamkhaphela ukunqunyelwa ukufa, baze bambethela esiphambanweni. Thina-ke besethemba ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli; kodwa phezu kwalokho konke sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile. Futhi nabesifazane abathile bakithi basethusile, ababeyile ethuneni ekuseni; kuthe bengasifumani isidumbu sakhe, bafika bathi babone nombono wezingelosi ezithi uyaphila. Nabathile babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjalo njengokuba beshilo abesifazane, kodwa yena uqobo abambonanga.” Wayesethi kubo: “O nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi! UKristu ubengamelwe yini ukuhlupheka ngalokho, aze angene enkazimulweni yakhe na?” Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye. Base besondela emzaneni ababeya kuwo yena washaya sengathi udlulela phambili. Bamncengisisa bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.” Wangena wahlala nabo. Kwathi esehlezi nabo ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika. Amehlo abo ayesevuleka, bamazi; wayesenyamalala kubo. Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?” Base besuka ngasona leso sikhathi, baphindela eJerusalema, bafumana abayishumi nanye nababe nabo behlangene ndawonye, bethi: “Impela iNkosi ivukile, ibonakele kuSimoni.” Base belanda nabo okwenzekileyo endleleni, nokuthi yaziwa kanjani yibo ekuhlephuleni isinkwa. Besakhuluma lokho, yena uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.”
NgokukaLuka 24:13-36 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Bheka, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu angamashumi ayisithupha. Babexoxa bodwa ngazo zonke lezo zinto ezenzekileyo. Kwathi besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo. Kodwa amehlo abo ayebanjiwe ukuthi bangamazi. Wathi kubo: Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye komunye nihamba, nilusizi na? Omunye wabo, ogama lakhe linguKleyophase, waphendula wathi kuye: “Ingabe nguwe wedwa umfokazi eJerusalema, ongakwaziyo okwenzekileyo khona ngalezi zinsuku na? Wasesithi kubo: Izinto zini? Basebesithi kuye: EzingoJesu waseNazaretha, obengumprofethi elamandla ngesenzo langelizwi phambi kukaNkulunkulu labantu bonke; lokuthi abapristi abakhulu lababusi bethu bamnikela njani ukuthi agwetshelwe ukufa, basebembethela esiphambanweni. Kepha besethemba ukuthi nguye obezakuhlenga u-Israyeli; futhi phezu kwakho konke lokho sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile. Yebo, nabesifazane abathile bakithi basethusile, abeze ethuneni ekuseni; kuthe bengasifumani isidumbu sakhe, beza, bathi babone nombono wezingelosi ezithi uyaphila. Abanye babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjengokusho kwabesifazane, kepha yena abambonanga. Wayesethi kubo: “O nina ziwula enilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi! UKristu ubengafanele yini ukuba ahlupheke ngalezizinto, aze angene enkazimulweni yakhe? Eqala kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye. Base besondela emzaneni ababeya kuwo; yena wenza sengathi udlulela phambili. Kepha bamcindezela, bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula. Wangena ukuba ahlale nabo. Kwasekusithi ehlezi labo ekudleni, wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika. Asevuleka amehlo abo, bamazi; wasenyamalala emehlweni abo. Base bethi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na? Basebesuka ngalesosikhathi, babuyela eJerusalema, bafica abalitshumi lanye bebuthene ndawonye lalabo ababelabo. besithi: Isibili iNkosi ivukile, ibonakele kuSimoni. Base belandisa okwenzekileyo endleleni, nokuthi waziwa kanjani kubo ekuhlephuleni isinkwa. Kwathi besakhuluma lokho, uJesu uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: Ukuthula makube kini.
NgokukaLuka 24:13-36 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwaba nabafundi ababili ababehamba ngalolo lusuku, beya emzaneni okuthiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema, amastadiyu angama-60. Babehamba bexoxa ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo. Besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo. Kepha wafihlakala kubo, bangambona ukuthi ungubani. Wayesethi kubo: “Zindaba zini lezi enihamba nizidingida na?” Base bema bedangele. Omunye wabo, ogama lakhe nguKleyophase, waphendula, wathi kuye: “Ngabe nguwe wedwa yini oyisihambi eJerusalema, ongazazi izinto ezenzekileyo khona kulezi zinsuku na?” Wayesethi kubo: “Zinto zini na?” Bathi: “NgoJesu waseNazaretha, obengumphrofethi onamandla ngezenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke, nokuthi abaphristi abakhulu nababusi bethu bamnikela kanjani ukuba agwetshelwe ukufa, bambethele esiphambanweni. Thina-ke besethembile ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli. Kepha sekuwusuku lwesithathu zenzekile zonke lezi zinto. Phezu kwalokho abesifazane abathile bakithi basethusile, abebeyile ethuneni ekuseni ngovivi. Kuthe uma bengasitholi isidumbu sakhe, bafika bathi babone nombono wezingelosi ezithe uyaphila. Nabanye bethu bayile ethuneni, bafica kunjengokuba beshilo abesifazane, kodwa Yena uqobo abambonanga.” UJesu wayesethi kubo: “Maye, nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke okwashiwo abaphrofethi! Kanti uKhristu ubengamelwe yini ukuba ahlupheke ngalokho, bese engena enkazimulweni yakhe na?” Wayesebachazela konke okusemibhalweni ngaye, kusukela kuMose nakubaphrofethi bonke. Base besondela emzaneni ababeya kuwo. Yena washaya sengathi uyedlula lapho, kodwa bamncengisisa, bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.” Wangena wahlala nabo. Kuthe esehleli nabo sebezokudla, wathatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona. Ayesevuleka amehlo abo, bambona ukuthi ungubani, wayesenyamalala kubo. Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, ngesikhathi ekhuluma nathi endleleni, esichazela imibhalo na?” Basuka ngaleso sikhathi, babuyela eJerusalema, bafica abali-11 behlangene ndawonye nabanye ababenabo, bethi: “Nembala iNkosi ivukile, izibonakalisile kuSimoni.” Base nabo bebalandisa ngokwakwenzeke endleleni, nokuthi bayazi kanjani ukuthi yiyo iNkosi, ngokuhlephula isinkwa. Kuthe besakhuluma ngalezi zinto, uJesu uqobo wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kini.”
NgokukaLuka 24:13-36 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Bheka, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu angamashumi ayisithupha. Babexoxa bodwa ngazo zonke lezo zinto ezenzekileyo. Kwathi besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo. Kodwa amehlo abo ayebanjiwe ukuthi bangamazi. Wathi kubo: Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye komunye nihamba, nilusizi na? Omunye wabo, ogama lakhe linguKleyophase, waphendula wathi kuye: “Ingabe nguwe wedwa umfokazi eJerusalema, ongakwaziyo okwenzekileyo khona ngalezi zinsuku na? Wasesithi kubo: Izinto zini? Basebesithi kuye: EzingoJesu waseNazaretha, obengumprofethi elamandla ngesenzo langelizwi phambi kukaNkulunkulu labantu bonke; lokuthi abapristi abakhulu lababusi bethu bamnikela njani ukuthi agwetshelwe ukufa, basebembethela esiphambanweni. Kepha besethemba ukuthi nguye obezakuhlenga u-Israyeli; futhi phezu kwakho konke lokho sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile. Yebo, nabesifazane abathile bakithi basethusile, abeze ethuneni ekuseni; kuthe bengasifumani isidumbu sakhe, beza, bathi babone nombono wezingelosi ezithi uyaphila. Abanye babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjengokusho kwabesifazane, kepha yena abambonanga. Wayesethi kubo: “O nina ziwula enilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi! UKristu ubengafanele yini ukuba ahlupheke ngalezizinto, aze angene enkazimulweni yakhe? Eqala kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye. Base besondela emzaneni ababeya kuwo; yena wenza sengathi udlulela phambili. Kepha bamcindezela, bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula. Wangena ukuba ahlale nabo. Kwasekusithi ehlezi labo ekudleni, wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika. Asevuleka amehlo abo, bamazi; wasenyamalala emehlweni abo. Base bethi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na? Basebesuka ngalesosikhathi, babuyela eJerusalema, bafica abalitshumi lanye bebuthene ndawonye lalabo ababelabo. Besithi: Isibili iNkosi ivukile, ibonakele kuSimoni. Base belandisa okwenzekileyo endleleni, nokuthi waziwa kanjani kubo ekuhlephuleni isinkwa. Kwathi besakhuluma lokho, uJesu uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: Ukuthula makube kini.