NgokukaLuka 24:1-53

NgokukaLuka 24:1-53 ZUL20

Kepha ngosuku lokuqala lweviki, kusantwela ezansi, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile. Bafica itshe ligingqiwe ethuneni. Kuthe sebengenile, bangasithola isidumbu seNkosi uJesu. Kwathi besakhungathekile yilokho, babona nanko amadoda amabili emi eduze kwabo, egqoke izingubo ezicwebezelayo. Besaba, base bekhothama bathi mbo ngobuso phansi, ayesethi kubo: “Nimfunelani ophilayo kwabafileyo na? Akekho lapha; uvukile. Khumbulani ukuthi wakhuluma wathini kini eseseGalile, ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukunikelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, bese ivuka ngosuku lwesithathu.’ ” Base bewakhumbula-ke amazwi akhe. Kuthe sebebuyile ethuneni, babika konke lokho kwabali-11, nakubo bonke abanye. KwakunguMariya Magdalena, uJowana, uMariya unina kaJakobe nabanye, ababikela abaphostoli lezo zinto. Kepha lawo mazwi eyefana nembudane nje kubaphostoli, abawakholwanga neze. Nokho uPhethro wasukuma, wagijima eqonde ethuneni, wafike walunguza, wazibona izindwangu zelineni zisele zodwa. Wayesehamba, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo. Kwaba nabafundi ababili ababehamba ngalolo lusuku, beya emzaneni okuthiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema, amastadiyu angama-60. Babehamba bexoxa ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo. Besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo. Kepha wafihlakala kubo, bangambona ukuthi ungubani. Wayesethi kubo: “Zindaba zini lezi enihamba nizidingida na?” Base bema bedangele. Omunye wabo, ogama lakhe nguKleyophase, waphendula, wathi kuye: “Ngabe nguwe wedwa yini oyisihambi eJerusalema, ongazazi izinto ezenzekileyo khona kulezi zinsuku na?” Wayesethi kubo: “Zinto zini na?” Bathi: “NgoJesu waseNazaretha, obengumphrofethi onamandla ngezenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke, nokuthi abaphristi abakhulu nababusi bethu bamnikela kanjani ukuba agwetshelwe ukufa, bambethele esiphambanweni. Thina-ke besethembile ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli. Kepha sekuwusuku lwesithathu zenzekile zonke lezi zinto. Phezu kwalokho abesifazane abathile bakithi basethusile, abebeyile ethuneni ekuseni ngovivi. Kuthe uma bengasitholi isidumbu sakhe, bafika bathi babone nombono wezingelosi ezithe uyaphila. Nabanye bethu bayile ethuneni, bafica kunjengokuba beshilo abesifazane, kodwa Yena uqobo abambonanga.” UJesu wayesethi kubo: “Maye, nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke okwashiwo abaphrofethi! Kanti uKhristu ubengamelwe yini ukuba ahlupheke ngalokho, bese engena enkazimulweni yakhe na?” Wayesebachazela konke okusemibhalweni ngaye, kusukela kuMose nakubaphrofethi bonke. Base besondela emzaneni ababeya kuwo. Yena washaya sengathi uyedlula lapho, kodwa bamncengisisa, bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.” Wangena wahlala nabo. Kuthe esehleli nabo sebezokudla, wathatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona. Ayesevuleka amehlo abo, bambona ukuthi ungubani, wayesenyamalala kubo. Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, ngesikhathi ekhuluma nathi endleleni, esichazela imibhalo na?” Basuka ngaleso sikhathi, babuyela eJerusalema, bafica abali-11 behlangene ndawonye nabanye ababenabo, bethi: “Nembala iNkosi ivukile, izibonakalisile kuSimoni.” Base nabo bebalandisa ngokwakwenzeke endleleni, nokuthi bayazi kanjani ukuthi yiyo iNkosi, ngokuhlephula isinkwa. Kuthe besakhuluma ngalezi zinto, uJesu uqobo wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kini.” Kepha bona bethuka kakhulu, kwaphela nasozwaneni becabanga ukuthi babona umungcwi. Wayesethi kubo: “Nethuswa yini na? Kungani ningabaza ezinhliziyweni zenu na? Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yiMina uqobo. Ngithinteni, nizibonele, ngokuba umungcwi awunanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.” Esekushilo lokho wabakhombisa izandla nezinyawo. Kepha babengakholwa ngenxa yentokozo nokumangala, wathi kubo: “Ninakho yini ukudla lapha na?” Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo. Walithatha, walidla bebuka. Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi engawakhuluma ngisenani, ngathi: ‘Kumele ukuba kugcwaliseke konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, kubaphrofethi, nasemaHubweni.’ ” Wayeseyivula imiqondo yabo ukuze bayiqonde imibhalo. Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uKhristu uzakuhlupheka, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu. Kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke; kuqalwe eJerusalema. Nina-ke ningofakazi balezi zinto. Sengiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kodwa hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.” Wayesebahola, baphuma baze bayofika eBhethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. Kuthe esababusisa, wasuka kubo, wenyuselwa ezulwini. Bakhuleka kuye, base bebuyela eJerusalema benokuthokoza okukhulu. Babekhona njalo ethempelini, bemdumisa uNkulunkulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 24:1-53

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo