NgokukaLuka 24:1-53

NgokukaLuka 24:1-53 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi ngolokuqala lweviki, kusesekuseni kakhulu, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile, labanye kanye labo. Bafica itshe ligingqiwe lasuswa ethuneni. Sebengenile, abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu. Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo; Besaba bekhothamele phansi ngobuso, bathi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na? Kakho lapha, kodwa uvukile; khumbulani ukuthi wakhuluma njani kini eseseGalili. Esithi: INdodana yomuntu imele ukunikelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ibuye ivuke ngosuku lwesithathu. Bawakhumbula amazwi akhe. Base bebuya ethuneni, babika konke lokho kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye. KwakunguMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe, nabanye besifazane ababe nabo, babatshela lokho abaphostoli. Namazwi abo aba njengeze nje kubo, kabaze bakholwa yibo. Khona uPetru wasuka, wagijimela ethuneni; wakhothama, wabona izindwangu zelineni zikhona zodwa; Bheka, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu angamashumi ayisithupha. Babexoxa bodwa ngazo zonke lezo zinto ezenzekileyo. Kwathi besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo. Kodwa amehlo abo ayebanjiwe ukuthi bangamazi. Wathi kubo: Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye komunye nihamba, nilusizi na? Omunye wabo, ogama lakhe linguKleyophase, waphendula wathi kuye: “Ingabe nguwe wedwa umfokazi eJerusalema, ongakwaziyo okwenzekileyo khona ngalezi zinsuku na? Wasesithi kubo: Izinto zini? Basebesithi kuye: EzingoJesu waseNazaretha, obengumprofethi elamandla ngesenzo langelizwi phambi kukaNkulunkulu labantu bonke; lokuthi abapristi abakhulu lababusi bethu bamnikela njani ukuthi agwetshelwe ukufa, basebembethela esiphambanweni. Kepha besethemba ukuthi nguye obezakuhlenga u-Israyeli; futhi phezu kwakho konke lokho sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile. Yebo, nabesifazane abathile bakithi basethusile, abeze ethuneni ekuseni; kuthe bengasifumani isidumbu sakhe, beza, bathi babone nombono wezingelosi ezithi uyaphila. Abanye babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjengokusho kwabesifazane, kepha yena abambonanga. Wayesethi kubo: “O nina ziwula enilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi! UKristu ubengafanele yini ukuba ahlupheke ngalezizinto, aze angene enkazimulweni yakhe? Eqala kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye. Base besondela emzaneni ababeya kuwo; yena wenza sengathi udlulela phambili. Kepha bamcindezela, bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula. Wangena ukuba ahlale nabo. Kwasekusithi ehlezi labo ekudleni, wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika. Asevuleka amehlo abo, bamazi; wasenyamalala emehlweni abo. Base bethi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na? Basebesuka ngalesosikhathi, babuyela eJerusalema, bafica abalitshumi lanye bebuthene ndawonye lalabo ababelabo. Besithi: Isibili iNkosi ivukile, ibonakele kuSimoni. Base belandisa okwenzekileyo endleleni, nokuthi waziwa kanjani kubo ekuhlephuleni isinkwa. Kwathi besakhuluma lokho, uJesu uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: Ukuthula makube kini. Kepha bethuka, bethuka, bethi babone ithongo. Wathi kubo: Nikhathazekeleni na? Kuvelelani izizindlo ezinhliziyweni zenu na? Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngokuba ithongo alinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho. Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo. Kodwa bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala, wathi kubo: Lilokudla lapha yini? Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo neqa lezinyosi. Wakuthatha, wadla phambi kwabo. Wathi kubo: Lawa angamazwi engawakhuluma kini ngisenani, ukuthi kumele kugcwaliseke konke okulotshiweyo emlayweni kaMozisi, lakubaprofethi, lemahutsheni, mina. Wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo; Wathi kubo: Kulotshiwe kanje, lokuthi uKhristu umelwe ukuhlupheka, njalo avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu. Kutshunyayelwe ebizweni lakhe ukuphenduka lokuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema. Nina-ke ningofakazi balezi zinto. Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kepha hlalani emzini waseJerusalema, nize nembathiswe amandla avela phezulu. Wabahola, baze bafika eBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini. Bakhuleka kuye, babuyela eJerusalema benokuthokoza okukhulu. Babekhona ethempelini njalo bemdumisa uNkulunkulu. Amen.

NgokukaLuka 24:1-53 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi ngolokuqala lweviki, kusesekuseni kakhulu, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile, labanye kanye labo. Bafica itshe ligingqiwe lasuswa ethuneni. Sebengenile, abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu. Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo; Besaba bekhothamele phansi ngobuso, bathi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na? Kakho lapha, kodwa uvukile; khumbulani ukuthi wakhuluma njani kini eseseGalili. esithi: INdodana yomuntu imele ukunikelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ibuye ivuke ngosuku lwesithathu. Bawakhumbula amazwi akhe. Base bebuya ethuneni, babika konke lokho kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye. KwakunguMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe, nabanye besifazane ababe nabo, babatshela lokho abaphostoli. Namazwi abo aba njengeze nje kubo, kabaze bakholwa yibo. Khona uPetru wasuka, wagijimela ethuneni; wakhothama, wabona izindwangu zelineni zikhona zodwa; Bheka, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu angamashumi ayisithupha. Babexoxa bodwa ngazo zonke lezo zinto ezenzekileyo. Kwathi besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo. Kodwa amehlo abo ayebanjiwe ukuthi bangamazi. Wathi kubo: Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye komunye nihamba, nilusizi na? Omunye wabo, ogama lakhe linguKleyophase, waphendula wathi kuye: “Ingabe nguwe wedwa umfokazi eJerusalema, ongakwaziyo okwenzekileyo khona ngalezi zinsuku na? Wasesithi kubo: Izinto zini? Basebesithi kuye: EzingoJesu waseNazaretha, obengumprofethi elamandla ngesenzo langelizwi phambi kukaNkulunkulu labantu bonke; lokuthi abapristi abakhulu lababusi bethu bamnikela njani ukuthi agwetshelwe ukufa, basebembethela esiphambanweni. Kepha besethemba ukuthi nguye obezakuhlenga u-Israyeli; futhi phezu kwakho konke lokho sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile. Yebo, nabesifazane abathile bakithi basethusile, abeze ethuneni ekuseni; kuthe bengasifumani isidumbu sakhe, beza, bathi babone nombono wezingelosi ezithi uyaphila. Abanye babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjengokusho kwabesifazane, kepha yena abambonanga. Wayesethi kubo: “O nina ziwula enilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi! UKristu ubengafanele yini ukuba ahlupheke ngalezizinto, aze angene enkazimulweni yakhe? Eqala kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye. Base besondela emzaneni ababeya kuwo; yena wenza sengathi udlulela phambili. Kepha bamcindezela, bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula. Wangena ukuba ahlale nabo. Kwasekusithi ehlezi labo ekudleni, wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika. Asevuleka amehlo abo, bamazi; wasenyamalala emehlweni abo. Base bethi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na? Basebesuka ngalesosikhathi, babuyela eJerusalema, bafica abalitshumi lanye bebuthene ndawonye lalabo ababelabo. besithi: Isibili iNkosi ivukile, ibonakele kuSimoni. Base belandisa okwenzekileyo endleleni, nokuthi waziwa kanjani kubo ekuhlephuleni isinkwa. Kwathi besakhuluma lokho, uJesu uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: Ukuthula makube kini. Kepha bethuka, bethuka, bethi babone ithongo. Wathi kubo: Nikhathazekeleni na? Kuvelelani izizindlo ezinhliziyweni zenu na? Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngokuba ithongo alinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho. Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo. Kodwa bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala, wathi kubo: Lilokudla lapha yini? Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo neqa lezinyosi. Wakuthatha, wadla phambi kwabo. Wathi kubo: Lawa angamazwi engawakhuluma kini ngisenani, ukuthi kumele kugcwaliseke konke okulotshiweyo emlayweni kaMozisi, lakubaprofethi, lemahutsheni, mina. Wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo; Wathi kubo: Kulotshiwe kanje, lokuthi uKhristu umelwe ukuhlupheka, njalo avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu. Kutshunyayelwe ebizweni lakhe ukuphenduka lokuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema. Nina-ke ningofakazi balezi zinto. Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kepha hlalani emzini waseJerusalema, nize nembathiswe amandla avela phezulu. Wabahola, baze bafika eBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini. Bakhuleka kuye, babuyela eJerusalema benokuthokoza okukhulu. Babekhona ethempelini njalo bemdumisa uNkulunkulu. Amen.

NgokukaLuka 24:1-53 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kepha ngosuku lokuqala lweviki, kusantwela ezansi, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile. Bafica itshe ligingqiwe ethuneni. Kuthe sebengenile, bangasithola isidumbu seNkosi uJesu. Kwathi besakhungathekile yilokho, babona nanko amadoda amabili emi eduze kwabo, egqoke izingubo ezicwebezelayo. Besaba, base bekhothama bathi mbo ngobuso phansi, ayesethi kubo: “Nimfunelani ophilayo kwabafileyo na? Akekho lapha; uvukile. Khumbulani ukuthi wakhuluma wathini kini eseseGalile, ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukunikelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, bese ivuka ngosuku lwesithathu.’ ” Base bewakhumbula-ke amazwi akhe. Kuthe sebebuyile ethuneni, babika konke lokho kwabali-11, nakubo bonke abanye. KwakunguMariya Magdalena, uJowana, uMariya unina kaJakobe nabanye, ababikela abaphostoli lezo zinto. Kepha lawo mazwi eyefana nembudane nje kubaphostoli, abawakholwanga neze. Nokho uPhethro wasukuma, wagijima eqonde ethuneni, wafike walunguza, wazibona izindwangu zelineni zisele zodwa. Wayesehamba, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo. Kwaba nabafundi ababili ababehamba ngalolo lusuku, beya emzaneni okuthiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema, amastadiyu angama-60. Babehamba bexoxa ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo. Besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo. Kepha wafihlakala kubo, bangambona ukuthi ungubani. Wayesethi kubo: “Zindaba zini lezi enihamba nizidingida na?” Base bema bedangele. Omunye wabo, ogama lakhe nguKleyophase, waphendula, wathi kuye: “Ngabe nguwe wedwa yini oyisihambi eJerusalema, ongazazi izinto ezenzekileyo khona kulezi zinsuku na?” Wayesethi kubo: “Zinto zini na?” Bathi: “NgoJesu waseNazaretha, obengumphrofethi onamandla ngezenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke, nokuthi abaphristi abakhulu nababusi bethu bamnikela kanjani ukuba agwetshelwe ukufa, bambethele esiphambanweni. Thina-ke besethembile ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli. Kepha sekuwusuku lwesithathu zenzekile zonke lezi zinto. Phezu kwalokho abesifazane abathile bakithi basethusile, abebeyile ethuneni ekuseni ngovivi. Kuthe uma bengasitholi isidumbu sakhe, bafika bathi babone nombono wezingelosi ezithe uyaphila. Nabanye bethu bayile ethuneni, bafica kunjengokuba beshilo abesifazane, kodwa Yena uqobo abambonanga.” UJesu wayesethi kubo: “Maye, nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke okwashiwo abaphrofethi! Kanti uKhristu ubengamelwe yini ukuba ahlupheke ngalokho, bese engena enkazimulweni yakhe na?” Wayesebachazela konke okusemibhalweni ngaye, kusukela kuMose nakubaphrofethi bonke. Base besondela emzaneni ababeya kuwo. Yena washaya sengathi uyedlula lapho, kodwa bamncengisisa, bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.” Wangena wahlala nabo. Kuthe esehleli nabo sebezokudla, wathatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona. Ayesevuleka amehlo abo, bambona ukuthi ungubani, wayesenyamalala kubo. Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, ngesikhathi ekhuluma nathi endleleni, esichazela imibhalo na?” Basuka ngaleso sikhathi, babuyela eJerusalema, bafica abali-11 behlangene ndawonye nabanye ababenabo, bethi: “Nembala iNkosi ivukile, izibonakalisile kuSimoni.” Base nabo bebalandisa ngokwakwenzeke endleleni, nokuthi bayazi kanjani ukuthi yiyo iNkosi, ngokuhlephula isinkwa. Kuthe besakhuluma ngalezi zinto, uJesu uqobo wema phakathi kwabo, wathi: “Ukuthula makube kini.” Kepha bona bethuka kakhulu, kwaphela nasozwaneni becabanga ukuthi babona umungcwi. Wayesethi kubo: “Nethuswa yini na? Kungani ningabaza ezinhliziyweni zenu na? Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yiMina uqobo. Ngithinteni, nizibonele, ngokuba umungcwi awunanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.” Esekushilo lokho wabakhombisa izandla nezinyawo. Kepha babengakholwa ngenxa yentokozo nokumangala, wathi kubo: “Ninakho yini ukudla lapha na?” Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo. Walithatha, walidla bebuka. Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi engawakhuluma ngisenani, ngathi: ‘Kumele ukuba kugcwaliseke konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, kubaphrofethi, nasemaHubweni.’ ” Wayeseyivula imiqondo yabo ukuze bayiqonde imibhalo. Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uKhristu uzakuhlupheka, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu. Kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke; kuqalwe eJerusalema. Nina-ke ningofakazi balezi zinto. Sengiyathumela kini isithembiso sikaBaba, kodwa hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.” Wayesebahola, baphuma baze bayofika eBhethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. Kuthe esababusisa, wasuka kubo, wenyuselwa ezulwini. Bakhuleka kuye, base bebuyela eJerusalema benokuthokoza okukhulu. Babekhona njalo ethempelini, bemdumisa uNkulunkulu.

NgokukaLuka 24:1-53 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kepha ngosuku lokuqala lweviki, kuntwela ngenzansi, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile. Bafumana itshe ligingqiwe ethuneni. Kuthe bengena, abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu. Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo. Besesaba bekhothamela phansi ngobuso, athi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na? Kakho lapha, kepha uvukile; khumbulani ukukhuluma kwakhe kini eseseGalile, ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukukhashelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ivuke ngosuku lwesithathu.’ ” Bawakhumbula-ke amazwi akhe. Base bebuya ethuneni, babika konke lokho kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye. KwakungoMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe; nabanye ababe kanye nabo babatshela abaphostoli lokho. Kepha lawo mazwi aba njengokukhuluma okuyize kubo, kabaze bakholwa yibo. Khona uPetru wasuka, wagijimela ethuneni, wakhothama, wabona izindwangu zizodwa; wamuka, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo. Bheka-ke, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu* angamashumi ayisithupha. Babekhulumisana omunye nomunye ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo. Kwathi besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo. Kepha amehlo abo abebambekile ukuba bangamazi. Wathi kubo: “Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye nomunye nihamba na?” Base bema benyukumele. Omunye, nguKleyophase igama lakhe, waphendula, wathi kuye: “Wena uyisihambi eJerusalema, ungoyedwa ongazazi izinto ezenzekileyo khona ngalezi zinsuku na?” Wayesethi kubo: “Zinto zini na?” Bathi kuye: “NgoJesu waseNazaretha obengumprofethi onamandla ngesenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke, ukuthi abapristi abakhulu nababusi bethu bamkhaphela ukunqunyelwa ukufa, baze bambethela esiphambanweni. Thina-ke besethemba ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli; kodwa phezu kwalokho konke sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile. Futhi nabesifazane abathile bakithi basethusile, ababeyile ethuneni ekuseni; kuthe bengasifumani isidumbu sakhe, bafika bathi babone nombono wezingelosi ezithi uyaphila. Nabathile babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjalo njengokuba beshilo abesifazane, kodwa yena uqobo abambonanga.” Wayesethi kubo: “O nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi! UKristu ubengamelwe yini ukuhlupheka ngalokho, aze angene enkazimulweni yakhe na?” Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye. Base besondela emzaneni ababeya kuwo yena washaya sengathi udlulela phambili. Bamncengisisa bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.” Wangena wahlala nabo. Kwathi esehlezi nabo ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika. Amehlo abo ayesevuleka, bamazi; wayesenyamalala kubo. Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?” Base besuka ngasona leso sikhathi, baphindela eJerusalema, bafumana abayishumi nanye nababe nabo behlangene ndawonye, bethi: “Impela iNkosi ivukile, ibonakele kuSimoni.” Base belanda nabo okwenzekileyo endleleni, nokuthi yaziwa kanjani yibo ekuhlephuleni isinkwa. Besakhuluma lokho, yena uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.” Kepha bashaywa luvalo, besaba bethi babona ithongo. Wayesethi kubo: “Nikhathazekeleni na? Kuvelelani imizindlo ezinhliziyweni zenu na? Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngiphatheni, nibone, ngokuba ithongo alinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.” Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo. Kepha bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala, wathi kubo: “Ninakho ukudla lapha na?” Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo neqa lezinyosi. Wakuthatha, wadla phambi kwabo. Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ” Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo. Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu, kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema. Nina-ke ningofakazi balezi zinto. Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba; kepha hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.” Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa. Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini. Bakhuleka kuye, baphindela eJerusalema benokuthokoza okukhulu. Babekhona ethempelini njalo bemdumisa uNkulunkulu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo