NgokukaLuka 24:1-12

NgokukaLuka 24:1-12 ZUL20

Kepha ngosuku lokuqala lweviki, kusantwela ezansi, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile. Bafica itshe ligingqiwe ethuneni. Kuthe sebengenile, bangasithola isidumbu seNkosi uJesu. Kwathi besakhungathekile yilokho, babona nanko amadoda amabili emi eduze kwabo, egqoke izingubo ezicwebezelayo. Besaba, base bekhothama bathi mbo ngobuso phansi, ayesethi kubo: “Nimfunelani ophilayo kwabafileyo na? Akekho lapha; uvukile. Khumbulani ukuthi wakhuluma wathini kini eseseGalile, ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukunikelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, bese ivuka ngosuku lwesithathu.’ ” Base bewakhumbula-ke amazwi akhe. Kuthe sebebuyile ethuneni, babika konke lokho kwabali-11, nakubo bonke abanye. KwakunguMariya Magdalena, uJowana, uMariya unina kaJakobe nabanye, ababikela abaphostoli lezo zinto. Kepha lawo mazwi eyefana nembudane nje kubaphostoli, abawakholwanga neze. Nokho uPhethro wasukuma, wagijima eqonde ethuneni, wafike walunguza, wazibona izindwangu zelineni zisele zodwa. Wayesehamba, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 24:1-12