NgokukaLuka 24:1-12
NgokukaLuka 24:1-12 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwathi ngolokuqala lweviki, kusesekuseni kakhulu, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile, labanye kanye labo. Bafica itshe ligingqiwe lasuswa ethuneni. Sebengenile, abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu. Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo; Besaba bekhothamele phansi ngobuso, bathi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na? Kakho lapha, kodwa uvukile; khumbulani ukuthi wakhuluma njani kini eseseGalili. esithi: INdodana yomuntu imele ukunikelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ibuye ivuke ngosuku lwesithathu. Bawakhumbula amazwi akhe. Base bebuya ethuneni, babika konke lokho kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye. KwakunguMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe, nabanye besifazane ababe nabo, babatshela lokho abaphostoli. Namazwi abo aba njengeze nje kubo, kabaze bakholwa yibo. Khona uPetru wasuka, wagijimela ethuneni; wakhothama, wabona izindwangu zelineni zikhona zodwa
NgokukaLuka 24:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha ngosuku lokuqala lweviki, kusantwela ezansi, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile. Bafica itshe ligingqiwe ethuneni. Kuthe sebengenile, bangasithola isidumbu seNkosi uJesu. Kwathi besakhungathekile yilokho, babona nanko amadoda amabili emi eduze kwabo, egqoke izingubo ezicwebezelayo. Besaba, base bekhothama bathi mbo ngobuso phansi, ayesethi kubo: “Nimfunelani ophilayo kwabafileyo na? Akekho lapha; uvukile. Khumbulani ukuthi wakhuluma wathini kini eseseGalile, ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukunikelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, bese ivuka ngosuku lwesithathu.’ ” Base bewakhumbula-ke amazwi akhe. Kuthe sebebuyile ethuneni, babika konke lokho kwabali-11, nakubo bonke abanye. KwakunguMariya Magdalena, uJowana, uMariya unina kaJakobe nabanye, ababikela abaphostoli lezo zinto. Kepha lawo mazwi eyefana nembudane nje kubaphostoli, abawakholwanga neze. Nokho uPhethro wasukuma, wagijima eqonde ethuneni, wafike walunguza, wazibona izindwangu zelineni zisele zodwa. Wayesehamba, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo.
NgokukaLuka 24:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha ngosuku lokuqala lweviki, kuntwela ngenzansi, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile. Bafumana itshe ligingqiwe ethuneni. Kuthe bengena, abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu. Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo. Besesaba bekhothamela phansi ngobuso, athi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na? Kakho lapha, kepha uvukile; khumbulani ukukhuluma kwakhe kini eseseGalile, ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukukhashelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ivuke ngosuku lwesithathu.’ ” Bawakhumbula-ke amazwi akhe. Base bebuya ethuneni, babika konke lokho kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye. KwakungoMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe; nabanye ababe kanye nabo babatshela abaphostoli lokho. Kepha lawo mazwi aba njengokukhuluma okuyize kubo, kabaze bakholwa yibo. Khona uPetru wasuka, wagijimela ethuneni, wakhothama, wabona izindwangu zizodwa; wamuka, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo.
NgokukaLuka 24:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi ngolokuqala lweviki, kusesekuseni kakhulu, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile, labanye kanye labo. Bafica itshe ligingqiwe lasuswa ethuneni. Sebengenile, abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu. Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo; Besaba bekhothamele phansi ngobuso, bathi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na? Kakho lapha, kodwa uvukile; khumbulani ukuthi wakhuluma njani kini eseseGalili. Esithi: INdodana yomuntu imele ukunikelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ibuye ivuke ngosuku lwesithathu. Bawakhumbula amazwi akhe. Base bebuya ethuneni, babika konke lokho kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye. KwakunguMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe, nabanye besifazane ababe nabo, babatshela lokho abaphostoli. Namazwi abo aba njengeze nje kubo, kabaze bakholwa yibo. Khona uPetru wasuka, wagijimela ethuneni; wakhothama, wabona izindwangu zelineni zikhona zodwa