NgokukaLuka 24:1-12

NgokukaLuka 24:1-12 ZUL59

Kepha ngosuku lokuqala lweviki, kuntwela ngenzansi, bafika ethuneni bephethe amakha ababewalungisile. Bafumana itshe ligingqiwe ethuneni. Kuthe bengena, abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu. Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo. Besesaba bekhothamela phansi ngobuso, athi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na? Kakho lapha, kepha uvukile; khumbulani ukukhuluma kwakhe kini eseseGalile, ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukukhashelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ivuke ngosuku lwesithathu.’ ” Bawakhumbula-ke amazwi akhe. Base bebuya ethuneni, babika konke lokho kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye. KwakungoMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe; nabanye ababe kanye nabo babatshela abaphostoli lokho. Kepha lawo mazwi aba njengokukhuluma okuyize kubo, kabaze bakholwa yibo. Khona uPetru wasuka, wagijimela ethuneni, wakhothama, wabona izindwangu zizodwa; wamuka, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 24:1-12

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo