NgokukaLuka 21:5-38

NgokukaLuka 21:5-38 ZUL20

Kwathi abanye besababaza ubuhle bethempeli ukuthi lihlotshiswe ngamatshe amahle nangezipho ezinhle, uJesu wayesethi kubo: “Kuyakufika izinsuku lapho kulokhu enikubonayo, kungayukushiywa itshe phezu kwelinye elingayukudilizelwa phansi.” Base bembuza bethi: “Mfundisi, lokhu kuyakwenzeka nini, futhi siyakuba yini isibonakaliso sokuthi sekuzakwenzeka na?” Wathi: “Qaphelani, ningadukiswa, ngokuba kuyakuvela abaningi egameni lami, bathi: ‘Nginguye,’ babuye bathi: ‘Isikhathi sesisondele.’ Ningabalandeli. Uma nizwa ngezimpi nangeziyaluyalu, ningesabi, ngokuba kufanele ukuba zenzeke lezi zinto kuqala, kodwa kuyobe kungakabi umhla wokuphela.” Wayesethi kubo: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso. Kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kubhoke indlala ezindaweni eziningi, kube khona ubhubhane, izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini. “Kepha kungakenzeki konke lokho, bayakunibamba, banihluphe, banikhaphele emasinagogeni nasemajele, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami. Lokhu kuyakuninika ithuba lokuba nifakaze. Ngakho-ke kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuze ningazindli ngokuthi niyakuziphendulela nithini, ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani. Impela niyakukhashelwa ngisho ngabazali, abafowenu, izihlobo nabangani; abanye benu bayakubulawa yibo. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami. Nokho akuyukulahleka nalunye ezinweleni zekhanda lenu. Ekubekezeleni kwenu, niyakuzuza ukuphila kwenu.” “Kuyakuthi nxa nibona iJerusalema lihaqwe yizimpi, bese nazi-ke ukuthi sekusondele ukubhujiswa kwalo. Ngakho-ke labo abaseJudiya mababalekele ezintabeni; abakulo, mabaphume baphele; abasemasimini, abangangeni kulo. Ngokuba lezi kuyakube kuyizinsuku zempindiselo ukuze kugcwaliseke konke okulotshiweyo. Wo, kwabakhulelweyo nakwabancelisayo ngalezo zinsuku! Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni, nentukuthelo yehlele phezu kwalesi sizwe. Abanye bayakubulawa ngenkemba, abanye bathunjwe, bayiswe ezizweni zonke. IJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kuphele isikhathi sabezizwe.” “Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni, enyangeni, nasezinkanyezini. Izizwe emhlabeni zehlelwe usizi nokudideka ngenxa yokuhlokoma kolwandle nokudlanga kwamaza alo. Abantu bayakuquleka ngenxa yokwesaba nangokulindela lokho okuyakwehlela umhlaba, ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa. Khona-ke bayakuyibona iNdodana yomuntu iza ngefu, inamandla nenkazimulo enkulu. Kepha uma sekuqala ukwenzeka lokho, sukumani nime, niphakamise amakhanda enu, ngokuba ukuhlengwa kwenu sekusondele.” Wabatshela umzekeliso, wathi: “Ake nibheke umkhiwane nezihlahla zonke. Kuthi uma kuhluma amacembe, nibone, futhi nazi ukuthi sekuthwasa ihlobo. Kanjalo nani, nxa nibona konke lokhu kwenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu ususeduze. “Ngiqinisile ngithi kini: lesi sizukulwane asiyukwedlula kungakenzeki konke lokho. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. “Qaphelani, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, ukudakwa, neminako yalokhu kuphila, bese lolo lusuku lunizume, ngokuba luyakufika njengogibe kubo bonke abantu abasebusweni bomhlaba wonke. Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.” Ngalezo zinsuku uJesu wayefundisa ethempelini emini, bese kuthi ebusuku ahambe ayolala entabeni okuthiwa eYeminqumo. Bonke abantu babevuka ekuseni ngovivi baye ethempelini, ukuba bamlalele.