NgokukaLuka 21:5-38

NgokukaLuka 21:5-38 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi abanye besababaza ubuhle bethempeli ukuthi lihlotshiswe ngamatshe amahle nangezipho ezinhle, uJesu wayesethi kubo: “Kuyakufika izinsuku lapho kulokhu enikubonayo, kungayukushiywa itshe phezu kwelinye elingayukudilizelwa phansi.” Base bembuza bethi: “Mfundisi, lokhu kuyakwenzeka nini, futhi siyakuba yini isibonakaliso sokuthi sekuzakwenzeka na?” Wathi: “Qaphelani, ningadukiswa, ngokuba kuyakuvela abaningi egameni lami, bathi: ‘Nginguye,’ babuye bathi: ‘Isikhathi sesisondele.’ Ningabalandeli. Uma nizwa ngezimpi nangeziyaluyalu, ningesabi, ngokuba kufanele ukuba zenzeke lezi zinto kuqala, kodwa kuyobe kungakabi umhla wokuphela.” Wayesethi kubo: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso. Kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kubhoke indlala ezindaweni eziningi, kube khona ubhubhane, izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini. “Kepha kungakenzeki konke lokho, bayakunibamba, banihluphe, banikhaphele emasinagogeni nasemajele, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami. Lokhu kuyakuninika ithuba lokuba nifakaze. Ngakho-ke kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuze ningazindli ngokuthi niyakuziphendulela nithini, ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani. Impela niyakukhashelwa ngisho ngabazali, abafowenu, izihlobo nabangani; abanye benu bayakubulawa yibo. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami. Nokho akuyukulahleka nalunye ezinweleni zekhanda lenu. Ekubekezeleni kwenu, niyakuzuza ukuphila kwenu.” “Kuyakuthi nxa nibona iJerusalema lihaqwe yizimpi, bese nazi-ke ukuthi sekusondele ukubhujiswa kwalo. Ngakho-ke labo abaseJudiya mababalekele ezintabeni; abakulo, mabaphume baphele; abasemasimini, abangangeni kulo. Ngokuba lezi kuyakube kuyizinsuku zempindiselo ukuze kugcwaliseke konke okulotshiweyo. Wo, kwabakhulelweyo nakwabancelisayo ngalezo zinsuku! Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni, nentukuthelo yehlele phezu kwalesi sizwe. Abanye bayakubulawa ngenkemba, abanye bathunjwe, bayiswe ezizweni zonke. IJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kuphele isikhathi sabezizwe.” “Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni, enyangeni, nasezinkanyezini. Izizwe emhlabeni zehlelwe usizi nokudideka ngenxa yokuhlokoma kolwandle nokudlanga kwamaza alo. Abantu bayakuquleka ngenxa yokwesaba nangokulindela lokho okuyakwehlela umhlaba, ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa. Khona-ke bayakuyibona iNdodana yomuntu iza ngefu, inamandla nenkazimulo enkulu. Kepha uma sekuqala ukwenzeka lokho, sukumani nime, niphakamise amakhanda enu, ngokuba ukuhlengwa kwenu sekusondele.” Wabatshela umzekeliso, wathi: “Ake nibheke umkhiwane nezihlahla zonke. Kuthi uma kuhluma amacembe, nibone, futhi nazi ukuthi sekuthwasa ihlobo. Kanjalo nani, nxa nibona konke lokhu kwenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu ususeduze. “Ngiqinisile ngithi kini: lesi sizukulwane asiyukwedlula kungakenzeki konke lokho. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. “Qaphelani, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, ukudakwa, neminako yalokhu kuphila, bese lolo lusuku lunizume, ngokuba luyakufika njengogibe kubo bonke abantu abasebusweni bomhlaba wonke. Ngakho-ke lindani, nikhuleke ngezikhathi zonke ukuze nikwazi ukuphunyuka kukho konke lokhu okuzakukwenzeka, nokuba nime phambi kweNdodana yomuntu.” Ngalezo zinsuku uJesu wayefundisa ethempelini emini, bese kuthi ebusuku ahambe ayolala entabeni okuthiwa eYeminqumo. Bonke abantu babevuka ekuseni ngovivi baye ethempelini, ukuba bamlalele.

NgokukaLuka 21:5-38 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi abanye besakhuluma ngethempeli, ukuthi lihlotshiswe ngamatshe amahle lezipho, wathi: Ngokuqondene nalezi zinto enizibonayo, kuyeza izinsuku okungayikushiywa ngazo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi. Basebembuza besithi: Mfundisi, kodwa lezizinto zizakuba nini? futhi siyakuba yini isibonakaliso lapho lezi zinto zizokwenzeka na? Wathi: “Xwayani ningadukiswa; nesikhathi sisondele; ngakho-ke ningabalandeli. Kepha nxa nizwa ngezimpi neziyaluyalu, ningethuki; kepha ukuphela akusikho masinyane. Wasesithi kubo: Isizwe sizavukela isizwe, lombuso uvukele umbuso. Kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu ezindaweni ngezindawo, nendlala, nezifo eziwumshayabhuqe; kuyakuba khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini. Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, baninikele emasinagogeni nasematilongweni, niyiswe phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami. Kuzaphendukela kini kube ngubufakazi. Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningacabangi ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho; Ngokuba ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha, abangayikuphika noma ukumelana nabo bonke abamelene nani. Niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubabulala. niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami. Kodwa kakuyikubhubha unwele lwekhanda lenu. Ekubekezeleni kwenu niyazuza imiphefumulo yenu. Lapho nibona iJerusalema lihaqwe amabutho, yazini-ke ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo. Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni; nabaphakathi kwawo mabaphume baphume; nabasemaphandleni bangangeni kuwo. Ngoba lezi kuyizinsuku zokuphindisela, ukuze kugcwaliseke konke okulotshiweyo. Kodwa maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! ngokuba kuyakuba-khona ukuhlupheka okukhulu ezweni nolaka phezu kwalaba bantu. Bayakuwa ngosiko lwenkemba, bathunjelwe ezizweni zonke, iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe. Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi lwezizwe, zididekile; kuhlokoma ulwandle namagagasi; Izinhliziyo zabantu ziphela amandla ngokwesaba nangokubheka izinto ezizayo emhlabeni, ngokuba amandla ezulu ayakuzanyazanyiswa. Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza ngeyezi inamandla nenkazimulo enkulu. Nxa lezi zinto seziqala ukwenzeka, sukumani niphakamise amakhanda enu; ngoba ukukhululwa kwenu sekusondele. Wasebatshela umfanekiso; Bhekani umkhiwane nemithi yonke; nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze. Kanjalo nani, nxa nibona lezizinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze. Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. Ziqapheleni nina, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, nokudakwa, nezinkathazo zalokhu kuphila, lunifike lolo suku kungazelelwe. Ngokuba njengogibe liyakufika phezu kwabo bonke abahlezi ebusweni bomhlaba wonke. Ngakho lindani njalo, likhuleke, ukuze kuthiwe lifanele ukuphunyuka kuzo zonke lezizinto eziyakwenzeka, lokuma phambi kweNdodana yomuntu. Emini wayefundisa ethempelini; ebusuku waphuma wayahlala entabeni ethiwa iNtaba Yeminqumo. Bonke abantu babesiza kuye ekuseni kakhulu ethempelini ukuba bamzwe.

NgokukaLuka 21:5-38 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Besakhuluma abanye ngethempeli ukuthi lihlotshiswe ngamatshe amahle nangezipho, wathi kubo: “Kuyakufika izinsuku, lapho kungayikushiywa kulokhu enikubonayo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.” Base bembuza bethi: “Mfundisi, lokhu kuyakuba nini na? Nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakwenzeka lokhu, na?” Wathi: “Qaphelani ningadukiswa, ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye;’ bathi futhi: ‘Isikhathi sesisondele;’ maningabalandeli. Nxa nizwa ngezimpi neziyaluyalu, ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke lokho kuqala, kepha ukuphela akukabikho masinyane.” Khona wathi kubo: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nobhici, nendlala izindawo ngezindawo, kube khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini. “Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, banikhaphele emasinagogeni* nasematilongweni, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami. Kuyakunehlela kube ngubufakazi. Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningazindli ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho; ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini. Yebo, niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami. Akuyikulahleka nalunwele lwekhanda lenu. Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu. “Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo. Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abaphakathi kwalo baphume, abasemaphandleni bangangeni kulo. Ngokuba lezi ziyizinsuku zempindiselo ukuba kugcwaliseke konke okulotshiweyo. Maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni nentukuthelo phezu kwalesi sizwe. Bayakuwa bedliwa yinkemba, bathunjelwe ezizweni zonke; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe. “Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza, abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa. Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu. Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.” Wabalandisa umfanekiso wokuthi: “Bhekani umkhiwane nemithi yonke. Nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze. Kanjalo nani, nxa nibona lezo zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze. “Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. “Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele, ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke. Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.” Njalo wayefundisa ethempelini emini, kepha kusihlwa wayephuma ayokulala entabeni ethiwa eyemiNqumo. Ekuseni abantu bonke beza kuye ethempelini ukumuzwa.

NgokukaLuka 21:5-38 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi abanye besakhuluma ngethempeli, ukuthi lihlotshiswe ngamatshe amahle lezipho, wathi: Ngokuqondene nalezi zinto enizibonayo, kuyeza izinsuku okungayikushiywa ngazo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi. Basebembuza besithi: Mfundisi, kodwa lezizinto zizakuba nini? futhi siyakuba yini isibonakaliso lapho lezi zinto zizokwenzeka na? Wathi: “Xwayani ningadukiswa; nesikhathi sisondele; ngakho-ke ningabalandeli. Kepha nxa nizwa ngezimpi neziyaluyalu, ningethuki; kepha ukuphela akusikho masinyane. Wasesithi kubo: Isizwe sizavukela isizwe, lombuso uvukele umbuso. Kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu ezindaweni ngezindawo, nendlala, nezifo eziwumshayabhuqe; kuyakuba khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini. Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, baninikele emasinagogeni nasematilongweni, niyiswe phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami. Kuzaphendukela kini kube ngubufakazi. Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningacabangi ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho; Ngokuba ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha, abangayikuphika noma ukumelana nabo bonke abamelene nani. Niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubabulala. Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami. Kodwa kakuyikubhubha unwele lwekhanda lenu. Ekubekezeleni kwenu niyazuza imiphefumulo yenu. Lapho nibona iJerusalema lihaqwe amabutho, yazini-ke ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo. Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni; nabaphakathi kwawo mabaphume baphume; nabasemaphandleni bangangeni kuwo. Ngoba lezi kuyizinsuku zokuphindisela, ukuze kugcwaliseke konke okulotshiweyo. Kodwa maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! ngokuba kuyakuba-khona ukuhlupheka okukhulu ezweni nolaka phezu kwalaba bantu. Bayakuwa ngosiko lwenkemba, bathunjelwe ezizweni zonke, iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe. Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi lwezizwe, zididekile; kuhlokoma ulwandle namagagasi; Izinhliziyo zabantu ziphela amandla ngokwesaba nangokubheka izinto ezizayo emhlabeni, ngokuba amandla ezulu ayakuzanyazanyiswa. Khona-ke bayakubona iNdodana yomuntu iza ngeyezi inamandla nenkazimulo enkulu. Nxa lezi zinto seziqala ukwenzeka, sukumani niphakamise amakhanda enu; ngoba ukukhululwa kwenu sekusondele. Wasebatshela umfanekiso; Bhekani umkhiwane nemithi yonke; nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze. Kanjalo nani, nxa nibona lezizinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze. Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke. Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula. Ziqapheleni nina, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, nokudakwa, nezinkathazo zalokhu kuphila, lunifike lolo suku kungazelelwe. Ngokuba njengogibe liyakufika phezu kwabo bonke abahlezi ebusweni bomhlaba wonke. Ngakho lindani njalo, likhuleke, ukuze kuthiwe lifanele ukuphunyuka kuzo zonke lezizinto eziyakwenzeka, lokuma phambi kweNdodana yomuntu. Emini wayefundisa ethempelini; ebusuku waphuma wayahlala entabeni ethiwa iNtaba Yeminqumo. Bonke abantu babesiza kuye ekuseni kakhulu ethempelini ukuba bamzwe.