UJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo, wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakuba yindlu yokukhuleka,’ kodwa nina niyenze ‘umhume wabaphangi.’ ” Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla. Kepha abaphristi abakhulu, izazimthetho, nezikhulu zabantu, zafuna ukumbulala. Kepha babengazi ukuthi bazokwenza kanjani, ngokuba bonke abantu babenamathele kuye, bemlalele.
Funda NgokukaLuka 19
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 19:45-48
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo