NgokukaLuka 19:45-48

NgokukaLuka 19:45-48 ZUL59

Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo, wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakuba yindlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenze ‘umhume wabaphangi’.” Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla. Kepha abapristi abakhulu, nababhali, nezikhulu zabantu bafuna ukumbulala. Kodwa babengatholi ukuthi bangenzani, ngokuba abantu bonke babebambelela kuye bemuzwa.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo