NgokukaLuka 19:45-48
NgokukaLuka 19:45-48 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wangena ethempelini, waqala ukuxosha ababethengisa kulo nabathengayo; wathi kubo: Kulotshiwe ukuthi: Indlu yami yindlu yokukhuleka; Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla. Kepha abapristi abakhulu nababhali nezikhulu zabantu bafuna ukumbulala; Kodwa babengatholi abangakwenza, ngoba ixuku lonke lalilalela ukumuzwa.
NgokukaLuka 19:45-48 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo, wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakuba yindlu yokukhuleka,’ kodwa nina niyenze ‘umhume wabaphangi.’ ” Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla. Kepha abaphristi abakhulu, izazimthetho, nezikhulu zabantu, zafuna ukumbulala. Kepha babengazi ukuthi bazokwenza kanjani, ngokuba bonke abantu babenamathele kuye, bemlalele.
NgokukaLuka 19:45-48 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo, wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakuba yindlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenze ‘umhume wabaphangi’.” Wayefundisa ethempelini imihla ngemihla. Kepha abapristi abakhulu, nababhali, nezikhulu zabantu bafuna ukumbulala. Kodwa babengatholi ukuthi bangenzani, ngokuba abantu bonke babebambelela kuye bemuzwa.
NgokukaLuka 19:45-48 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)