NgokukaLuka 16:19-26

NgokukaLuka 16:19-26 ZUL20

“Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibukhwebezane nezelineni elihle, ezithokozisa imihla ngemihla, etamasa. Kwakukhona futhi othile ompofu, igama lakhe kunguLazaru. Wayebekiwe ngasesangweni lesicebi, egcwele izilonda, elangazelela ukudla imvuthuluka ewa etafuleni lesicebi. Yebo, kweza nezinja zamkhotha izilonda. “Wayesefa ompofu, wathwalwa yizingelosi, wayiswa esifubeni sika-Abhrahama. Safa nesicebi, sangcwatshwa. Kuthe sesisendaweni yabafileyo sisezinhlungwini, saphakamisa amehlo aso, sabona u-Abhrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe. Samemeza sathi: ‘Baba Abhrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, ukuba agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, apholise ulimi lwami, ngokuba ngisezinhlungwini ezinzima kabi kuleli langabi.’ “Kepha u-Abhrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho ngesikhathi usaphila, noLazaru ngokunjalo wamukela okubi, kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena usuyahlupheka. Ngaphezu kwakho konke lokho, kubekiwe umhosha omkhulu phakathi kwethu nani, ukuze abafuna ukusuka lapha baye kini bangaphumeleli; kanjalo nabalapho, bangaweleli kithi.’

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo