NgokukaLuka 16:19-26
NgokukaLuka 16:19-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibukhwebezane nezelineni elihle, ezithokozisa imihla ngemihla, etamasa. Kwakukhona futhi othile ompofu, igama lakhe kunguLazaru. Wayebekiwe ngasesangweni lesicebi, egcwele izilonda, elangazelela ukudla imvuthuluka ewa etafuleni lesicebi. Yebo, kweza nezinja zamkhotha izilonda. “Wayesefa ompofu, wathwalwa yizingelosi, wayiswa esifubeni sika-Abhrahama. Safa nesicebi, sangcwatshwa. Kuthe sesisendaweni yabafileyo sisezinhlungwini, saphakamisa amehlo aso, sabona u-Abhrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe. Samemeza sathi: ‘Baba Abhrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, ukuba agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, apholise ulimi lwami, ngokuba ngisezinhlungwini ezinzima kabi kuleli langabi.’ “Kepha u-Abhrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho ngesikhathi usaphila, noLazaru ngokunjalo wamukela okubi, kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena usuyahlupheka. Ngaphezu kwakho konke lokho, kubekiwe umhosha omkhulu phakathi kwethu nani, ukuze abafuna ukusuka lapha baye kini bangaphumeleli; kanjalo nabalapho, bangaweleli kithi.’
NgokukaLuka 16:19-26 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibubende nezelineni elicolekileyo, ezijabulisa imihla ngemihla etamasa. Kwakukhona isinxibi esithile, nguLazaru, esasibekwe esangweni laso sigcwele izilonda; Ifisa ukusuthiswa ngemvuthuluka ewa etafuleni lesicebi, phezu kwalokho kwafika nezinja zayikhotha izilonda zaso. Kwasekusithi wafa ompofu, wathwalwa yizingilosi esifubeni sikaAbrahama; Esihogweni saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini, sabona u-Abrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe. Samemeza sathi: ‘Baba Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami; ngoba ngiyahlushwa kulelilangabi. Kepha u-Abrahama wathi: “Ndodana, khumbula ukuthi wamukela okuhle kwakho usesekuphileni, noLazaru ngokunjalo nokubi; Futhi phezu kwakho konke lokhu phakathi kwethu lani kubekiwe umhosha omkhulu, ukuze abafuna ukuwela besuka lapha besiya kini bangabi; futhi abanakuwelela kithi abafuna ukuvela khona.
NgokukaLuka 16:19-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibubende nezelineni elihle, ezijabulisa imihla ngemihla etamasa. Kwakukhona futhi ompofu othile, nguLazaru igama lakhe, owayelahliwe ngasesangweni lakhe egcwele izilonda, enxanela ukusuthiswa ngemvuthuluka ewa etafuleni lesicebi; yebo, kweza nezinja, zamkhotha izilonda. “Kwase kuthi wafa ompofu, wathwalwa yizingelosi, wasiwa esifubeni sika-Abrahama; nesicebi safa, sembelwa. SesiseHayidese* saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini, sambona u-Abrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe. Samemeza sathi: ‘Baba Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami, ngokuba ngiyahlushwa kuleli langabi.’ “Kepha u-Abrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuba wamukela okuhle kwakho usesekuphileni noLazaru kanjalo okubi; kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena uyahlushwa. Nangaphezu kwakho konke lokho kubekiwe umhosha omkhulu phakathi kwethu nani ukuba abafuna ukusuka lapha baye kini bangekwenze, nabalapho bangaweleli kithi.’
NgokukaLuka 16:19-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)