NgokukaLuka 16:19-26

NgokukaLuka 16:19-26 ZUL59

“Kwakukhona umuntu othile onothileyo, owayegqoka ezibubende nezelineni elihle, ezijabulisa imihla ngemihla etamasa. Kwakukhona futhi ompofu othile, nguLazaru igama lakhe, owayelahliwe ngasesangweni lakhe egcwele izilonda, enxanela ukusuthiswa ngemvuthuluka ewa etafuleni lesicebi; yebo, kweza nezinja, zamkhotha izilonda. “Kwase kuthi wafa ompofu, wathwalwa yizingelosi, wasiwa esifubeni sika-Abrahama; nesicebi safa, sembelwa. SesiseHayidese* saphakamisa amehlo aso, sisebuhlungwini, sambona u-Abrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe. Samemeza sathi: ‘Baba Abrahama, ngihawukele, uthume uLazaru, agcobhoze isihloko somunwe wakhe emanzini, aphozise ulimi lwami, ngokuba ngiyahlushwa kuleli langabi.’ “Kepha u-Abrahama wathi: ‘Ndodana, khumbula ukuba wamukela okuhle kwakho usesekuphileni noLazaru kanjalo okubi; kodwa manje uyaduduzwa yena lapha, wena uyahlushwa. Nangaphezu kwakho konke lokho kubekiwe umhosha omkhulu phakathi kwethu nani ukuba abafuna ukusuka lapha baye kini bangekwenze, nabalapho bangaweleli kithi.’

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo