“Ngokuba ngubani kini ongathi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho yini okokuwuqeda na? Funa kuthi lapho esebeke isisekelo, bese engabi namandla okuwuqeda, kuthi bonke abakubonayo lokho, baqale ukumbhuqa, bathi: ‘Lo muntu waqala ukwakha kodwa kakwazanga ukuqeda.’ “Noma iyiphi inkosi eya kwenye inkosi iyoyihlasela, ingaqalanga ngokuhlala phansi, icabangisise ukuthi iyokwazi yini ukubhekana nayo njengoba yona inezi-10 000 leyo eya kuyo inezi-20 000 na? Kungenjalo, ingathi isekude leyo nkosi, bese ithumela amanxusa, ukuba acele uxolo.
Funda NgokukaLuka 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 14:28-32
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo