NgokukaLuka 14:28-32
NgokukaLuka 14:28-32 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ngokuba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na? Funa kuthi esebeke isisekelo, engenamandla okuqeda, bonke abakubonayo baqale ukumhleka, bathi: ‘Lo muntu waqala kabanga namandla okuqeda.’ “Noma yiyiphi inkosi eya kwenye inkosi ukuhlaselana nayo engaqali ihlale phansi, ihlole ukuba inamandla yini ukuhlangabezana ngezinkulungwane eziyishumi naleyo eza kuyo, inezinkulungwane ezingamashumi amabili na? Kepha uma kungenzeke, ingathi isekude leyo, ithuma amanxusa, icele okokuthula.
NgokukaLuka 14:28-32 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngoba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angahlali phansi kuqala, abale izindleko, ukuthi unakho ukuwuqeda na? Hleze, esesibekile isisekelo, engakwazi ukusiqeda, bonke abakubonayo baqale ukumhleka usulu; besithi: Lomuntu waqala ukwakha, kodwa kabanga lamandla okuqeda. Noma iyiphi inkosi, ethi iyakulwa nenye inkosi, ingahlali phansi kuqala, ibuze ukuthi inamandla yini ngezinkulungwane eziyishumi ukuhlangabeza oza kuyo enezinkulungwane ezingamashumi amabili na? Uma kungenjalo, esekude lowo, uthuma amanxusa, acele imibandela yokuthula.
NgokukaLuka 14:28-32 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ngokuba ngubani kini ongathi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho yini okokuwuqeda na? Funa kuthi lapho esebeke isisekelo, bese engabi namandla okuwuqeda, kuthi bonke abakubonayo lokho, baqale ukumbhuqa, bathi: ‘Lo muntu waqala ukwakha kodwa kakwazanga ukuqeda.’ “Noma iyiphi inkosi eya kwenye inkosi iyoyihlasela, ingaqalanga ngokuhlala phansi, icabangisise ukuthi iyokwazi yini ukubhekana nayo njengoba yona inezi-10 000 leyo eya kuyo inezi-20 000 na? Kungenjalo, ingathi isekude leyo nkosi, bese ithumela amanxusa, ukuba acele uxolo.
NgokukaLuka 14:28-32 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)