“Ngokuba ngumuphi kini othi efuna ukwakha umbhoshongo, angaqali ahlale phansi, abale izindleko ukuthi unakho okokuwuqeda na? Funa kuthi esebeke isisekelo, engenamandla okuqeda, bonke abakubonayo baqale ukumhleka, bathi: ‘Lo muntu waqala kabanga namandla okuqeda.’ “Noma yiyiphi inkosi eya kwenye inkosi ukuhlaselana nayo engaqali ihlale phansi, ihlole ukuba inamandla yini ukuhlangabezana ngezinkulungwane eziyishumi naleyo eza kuyo, inezinkulungwane ezingamashumi amabili na? Kepha uma kungenzeke, ingathi isekude leyo, ithuma amanxusa, icele okokuthula.
Funda NgokukaLuka 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 14:28-32
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo