NgokukaLuka 12:35-59

NgokukaLuka 12:35-59 ZUL20

“Izinkalo zenu mazihlale ziboshiwe, nezibani zenu zivutha. Yibani njengezinceku ezilindele inkosi yazo ezobuya emshadweni, ukuze kuthi lapho ifika, ingqongqoza, ziyivulele masinyane. Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi lapho inkosi yazo ifika, izifice zilindile. Ngiqinisile ngithi kini: inkosi yazo iyakubopha ibhande okhalo, izihlalise phansi, ize yona uqobo iziphe ukudla. Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi noma inkosi yazo ifika kwesikabhadakazi noma entathakusa, izifumane zilindile. Kepha-ke yazini lokhu, ukuthi uma umninindlu ebesazi isikhathi isela eliyakufika ngaso, ubengayukuvuma ukuba indlu yakhe igqekezwe. Nani-ke hlalani nilindile, ngokuba anilazi ihora iNdodana yomuntu eyakufika ngalo.” UPhethro wayesethi: “Nkosi, ngabe lo mzekeliso uwuqondise kithi noma kubantu bonke na?” INkosi yaphendula yathi: “Iyiphi inceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyakuyibeka ukuba yengamele abendlu yayo, ibabele isabelo sokudla ngesikhathi esifaneleyo na? Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi lapho inkosi yayo ifika, iyifumane yenza kanjalo. Ngiqinisile, ngithi: iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho ukuba ikwengamele. Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami isalibele ukuba ifike,’ bese iqala ukushaya izisebenzi zesilisa nezesifazane, idle, iphuze, idakwe, inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayilindele ngalo, nangomzuzu engawaziyo, iyijezise ngokuyibulala kabuhlungu, bese iyilahla nabangakholwayo. “Inceku eyaziyo ukuthi inkosi ifunani, kodwa ingazilungiseleli ukwenza lokho okufunwa yinkosi, iyakushaywa imivimbo eminingi. Kepha leyo eyenze okungafanele ngenxa yokungazi, iyakushaywa imivimbo embalwa. Yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakufunwa okuningi kuye, nophathiswe okuningi, kuyakubizwa okuningi kakhulu kuye.” “Ngize ukuphonsa umlilo emhlabeni; ngifisa kakhulu kangakanani ukuba ngabe sewokhelekile! Nginombhabhadiso engizakubhabhadiswa ngawo; ngikhathazekile kakhulu, uze ufezeke. Nicabanga ukuthi ngilethe ukuthula emhlabeni na? Phinde! Kepha ngithi kini: ngilethe ukwehlukana. Ngokuba kusukela manje kuyakuba khona abayisihlanu endlini, abathathu bamelane nababili, nababili bamelane nabathathu. Kuyokuba khona ukwehlukana: uyise amelane nendodana, nendodana imelane noyise, unina amelane nendodakazi, nendodakazi nonina, uninazala amelane nomalokazana, nomalokazana amelane noninazala.” Wayesethi nakuzo izixuku: “Uma nibona kukhuphuka ifu entshonalanga, nisheshe nithi: ‘Kuza isiphepho,’ kube njalo. Uma kuvunguza umoya weningizimu, nithi: ‘Lizakushisa likhiphe umkhovu etsheni,’ kube njalo nempela. Bazenzisi, niyakwazi ukubona okwenzeka emhlabeni nasesibhakabhakeni, pho kungani ningakwazi ukuqonda okwalesi sikhathi na? “Yini ningakwazi ukubona okufanele nikwenze na? Uma uhambisana nesitha sakho, niya kumehluleli, sincenge nisesendleleni, nibuyisane, funa nifike kumehluleli, umehluleli akwedlulisele ephoyiseni, bese iphoyisa likuphonsa ejele. Ngithi kuwe: awusoze waphuma ejele, uyoze ukhiphe ifadingi lokugcina.”

Ividiyo ye- NgokukaLuka 12:35-59