NgokukaLuka 12

12
UJesu Uxwayisa Ngemvubelo YabaFarisi
(Mat. 10:26)
1 Ngaleso sikhathi kwabuthana izindimbane zabantu, zaze zanyathelana; uJesu wayeseqala ukukhuluma kubafundi bakhe, ethi: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa. 2 Akukho okusitshekelweyo okungayukwambulwa, nokufihliweyo okungayukwaziwa. 3Ngakho-ke konke enikukhuluma ebumnyameni, kuyakuzwakala ekukhanyeni; nalokho enikukhuluma nikuhleba emakamelweni, kuyakumenyezelwa phezu kwezindlu.
4“Kepha ngithi kini, bangani bami: ningabesabi ababulala umzimba, bengenakwenza lutho okunye emva kwalokho. 5Kepha-ke ngizakunitshengisa okufanele nimesabe. Mesabeni lo othi esebulele, abuye abe namandla okuphonsa esihogweni. Impela, ngithi kini: mesabeni lowo. 6Akuthengiswa yini imizwilili emihlanu ngezindibilishi ezimbili na? Nokho akukho namunye awukhohlwayo uNkulunkulu. 7Phela ngisho izinwele ezisekhanda lakho uyazazi, zonke uzibalile. Ningesabi, ngokuba nina niyayedlula imizwilili.”
Ukuvuma Nokuphika UKhristu
8“Ngithi kini, yilowo nalowo oyakungivuma phambi kwabantu, neNdodana yomuntu iyakumvuma phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu. 9Kepha ongiphikayo phambi kwabantu, uyakuphikwa phambi kwezingelosi zikaNkulunkulu. 10 Noma ngubani okhuluma kabi ngeNdodana yomuntu, uyakuthethelelwa; kodwa ohlambalaza uMoya oNgcwele, akayukuthethelelwa.
11 “Uma benihudulela emasinagogweni nakubabusi neziphathimandla ukuba nehlulelwe, ningakhathazeki ukuthi niyakuphendula kanjani, nokuthi niyakuthini. 12Ngokuba uMoya oNgcwele uyakunifundisa ngaleso sikhathi okufanele nikusho.”
Umzekeliso Ngomlimi Oyisicebi
13Omunye esixukwini wathi kuye: “Mfundisi, tshela umfowethu ukuba angabele nami ifa lakwethu.”
14Kepha uJesu wathi kuye: “Mngani, ngubani ongibeke ukuba ngibe ngumehluleli noma ngumabi wefa lakwenu na?”
15 UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nilwexwaye lonke uhlobo lokuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumisiwe ngubuningi bomcebo wakhe.”
16Wabalandisa umzekeliso, wathi: “Amasimu omuntu othile owayeyisicebi ayekhiqiza isivuno esihle. 17Wazindla wathi: ‘Ngizokwenzenjani, ngokuba anginandawo engizofaka kuyo isivuno sami na?’
18“Wayesethi: ‘Nakhu engizakukwenza: ngizakuzidiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele kuzo sonke isivuno sokusanhlamvu, nempahla yami. 19Bese ngithi emphefumulweni wami: “Mphefumulo, usunezimpahla eziningi ezilondolozelwe wena iminyaka eminingi. Ngakho-ke phumula, udle, uphuze, futhi ujabule.”’
20“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’
21“Kubanjalo-ke kumuntu ozibekelela ingcebo ebe engacebile ngokukaNkulunkulu.”
Ukungakhathazeki Ngengomuso
22 Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu nangemizimba yenu ukuthi niyakudlani, nanokuthi niyakwembathani. 23Ngokuba ukuphila kubalulekile kunokudla, nomzimba kunesembatho. 24Ake nibheke nje amagwababa; awalimi, awavuni, futhi awanazilulu nazinqolobane, kepha uNkulunkulu uyawondla. Kakhulu kangakanani-ke nina eniyigugu ukwedlula izinyoni! 25Ngubani kini okuthi ngenxa yokukhathazeka, athasisele usuku olulodwa nje eminyakeni yokuphila kwakhe na? 26Ngakho-ke njengokuba ningenamandla okwenza nokuncane nje, pho nizikhathazelani ngalokhu okunye na?
27 “Bhekani nje, nansi iminduze yasendle, ukuthi ikhula kanjani. Ayizikhandli, ayizithungeli zembatho, kodwa ngithi kini: ngisho noSolomoni, ebukhazikhazini bakhe bonke, wayengavunulisile okomunye wayo. 28Uma-ke uNkulunkulu embathisa utshani basendle obukhona namuhla, kuthi ngakusasa buphonswe eziko, kakhulu kangakanani nina eninokukholwa okuncane. 29Ningafuni ukuthi niyakudlani nokuthi niyakuphuzani; ningakhathazeki ngalokho. 30Ngokuba konke lokhu kufunwa ngabezizwe baleli lizwe; kodwa uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokhu. 31 Kepha funani umbuso kaNkulunkulu, yikhona konke lokhu kuyakwenezelwa kini.
32“Ungesabi, mhlambi omncane, ngokuba kuyintando kaYihlo ukuba aninike umbuso. 33 Thengisani ngeninakho, nabele abampofu, nizenzele izikhwama zemali ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini; lapho kungasondeli khona sela nanundu, ukuba yone. 34Ngokuba lapho ingcebo yenu ikhona, nenhliziyo yenu iyakuba khona lapho.”
Inceku Ehlala Ilindile
(Mat. 24:42)
35 “Izinkalo zenu mazihlale ziboshiwe, nezibani zenu zivutha. 36 Yibani njengezinceku ezilindele inkosi yazo ezobuya emshadweni, ukuze kuthi lapho ifika, ingqongqoza, ziyivulele masinyane. 37Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi lapho inkosi yazo ifika, izifice zilindile. Ngiqinisile ngithi kini: inkosi yazo iyakubopha ibhande okhalo, izihlalise phansi, ize yona uqobo iziphe ukudla. 38Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi noma inkosi yazo ifika kwesikabhadakazi noma entathakusa, izifumane zilindile. 39 Kepha-ke yazini lokhu, ukuthi uma umninindlu ebesazi isikhathi isela eliyakufika ngaso, ubengayukuvuma ukuba indlu yakhe igqekezwe. 40Nani-ke hlalani nilindile, ngokuba anilazi ihora iNdodana yomuntu eyakufika ngalo.”
Inceku Eyethembekile Nengethembekile
41UPhethro wayesethi: “Nkosi, ngabe lo mzekeliso uwuqondise kithi noma kubantu bonke na?”
42INkosi yaphendula yathi: “Iyiphi inceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyakuyibeka ukuba yengamele abendlu yayo, ibabele isabelo sokudla ngesikhathi esifaneleyo na? 43Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi lapho inkosi yayo ifika, iyifumane yenza kanjalo. 44Ngiqinisile, ngithi: iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho ukuba ikwengamele. 45Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami isalibele ukuba ifike,’ bese iqala ukushaya izisebenzi zesilisa nezesifazane, idle, iphuze, idakwe, 46inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayilindele ngalo, nangomzuzu engawaziyo, iyijezise ngokuyibulala kabuhlungu, bese iyilahla nabangakholwayo.
47“Inceku eyaziyo ukuthi inkosi ifunani, kodwa ingazilungiseleli ukwenza lokho okufunwa yinkosi, iyakushaywa imivimbo eminingi. 48Kepha leyo eyenze okungafanele ngenxa yokungazi, iyakushaywa imivimbo embalwa. Yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakufunwa okuningi kuye, nophathiswe okuningi, kuyakubizwa okuningi kakhulu kuye.”
UJesu Ulethe Ukwehlukana
49“Ngize ukuphonsa umlilo emhlabeni; ngifisa kakhulu kangakanani ukuba ngabe sewokhelekile! 50 Nginombhabhadiso engizakubhabhadiswa ngawo; ngikhathazekile kakhulu, uze ufezeke. 51 Nicabanga ukuthi ngilethe ukuthula emhlabeni na? Phinde! Kepha ngithi kini: ngilethe ukwehlukana. 52Ngokuba kusukela manje kuyakuba khona abayisihlanu endlini, abathathu bamelane nababili, nababili bamelane nabathathu. 53 Kuyokuba khona ukwehlukana: uyise amelane nendodana, nendodana imelane noyise, unina amelane nendodakazi, nendodakazi nonina, uninazala amelane nomalokazana, nomalokazana amelane noninazala.”
Ukuqonda Izibonakaliso Zezikhathi
54 Wayesethi nakuzo izixuku: “Uma nibona kukhuphuka ifu entshonalanga, nisheshe nithi: ‘Kuza isiphepho,’ kube njalo. 55Uma kuvunguza umoya weningizimu, nithi: ‘Lizakushisa likhiphe umkhovu etsheni,’ kube njalo nempela. 56Bazenzisi, niyakwazi ukubona okwenzeka emhlabeni nasesibhakabhakeni, pho kungani ningakwazi ukuqonda okwalesi sikhathi na?
Khulumisana Nesitha Ningakafiki Kumehluleli
57“Yini ningakwazi ukubona okufanele nikwenze na? 58 Uma uhambisana nesitha sakho, niya kumehluleli, sincenge nisesendleleni, nibuyisane, funa nifike kumehluleli, umehluleli akwedlulisele ephoyiseni, bese iphoyisa likuphonsa ejele. 59Ngithi kuwe: awusoze waphuma ejele, uyoze ukhiphe ifadingi lokugcina.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaLuka 12: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo