NgokukaLuka 12:35-59
NgokukaLuka 12:35-59 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zenu zivutha; Nani nibe njengabantu abalindele inkosi yabo, lapho ibuya emshadweni; ukuze kuthi nxa efika engqongqotha, bamvulele masinyane. Zibusisiwe lezozinceku, okuyakuthi inkosi, nxa ifika, izifumane zilindile; Futhi uma ifika ngomlindo wesibili, noma ifika ngomlindo wesithathu, izifica zinjalo, zibusisiwe lezozinceku. Yazini lokhu, ukuthi uba umninindlu ebesazi ihola isela elizakuza ngalo, ubezalinda, njalo ubengavumanga ukuthi indlu yakhe ifohlwe. Ngakho-ke nani hlalani nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangiyo. UPetru wayesethi kuye: “Nkosi, lo mfanekiso uwukhuluma kithi noma kubo bonke na? INkosi yasisithi: Pho, ngubani umphathi othembekileyo lohlakaniphileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu yayo, ukuze abaphe isabelo sabo sokudla ngesikhathi esifaneleyo? Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo nxa ifika iyifumane yenze njalo. Ngiqinisile ngithi kini: Izayibeka phezu kwakho konke elakho. Kodwa uba leyonceku ithi enhliziyweni yayo: Inkosi yami ilibele ukuza; aqale ukushaya izinceku nezincekukazi, nokudla, nokuphuza, nokudakwa; Inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngayo nangehora engalazi, iyinqume phakathi, iyimisele isabelo sayo nabangakholwayo. Leyo nceku ebiyazi intando yenkosi yayo ingalungisi, ingenzanga njengentando yayo, iyakushaywa imivimbo eminingi; Kepha obengazi, wenza okufanele imivimbo, uyakushaywa imivimbo eyingcosana. Ngokuba yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye; Ngize ukuphonsa umlilo emhlabeni; ngiyakuthini uma sekubasiwe na? Kepha nginombhapathizo engizakubhapathizwa ngawo; futhi yeka indlela engicindezelekile ngayo kuze kufezeke! Nithi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni na? Ngithi kini, Cha; kodwa kunalokho ukwahlukana. Ngokuba kusukela manje kuyakuba khona abayisihlanu endlini inye behlukene, abathathu nababili, nababili nabathathu. Uyise uyakwehlukana nendodana, nendodana noyise; unina nendodakazi, nendodakazi nonina; uninazala amelane lomalokazana wakhe, lomalokazana amelane loninazala. Wayesethi nakuzo izixuku: “Nxa nibona ifu livela entshonalanga, masinyane nithi: ‘Kuyeza imvula;’ futhi kunjalo. Nxa nibona umoya waseningizimu uphephetha, nithi: ‘Kuzoba ukushisa;’ futhi kwenzeka. Bazenzisi, niyakwazi ukubona ubuso bezulu nomhlaba; kodwa kungani lingaqedisisi lesisikhathi? Yebo, kungani nina ngokwenu ningazahluleli okulungile na? Nxa uya enkosini nomelene nawe, nisesendleleni, qiniseka ukuthi ukhululwe kuye; funa akudonsele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, iphoyisa likuphonse etilongweni. Ngithi kuwe: Kawusoze usuke lapho, uze ukhiphe imadlana yokugcina.
NgokukaLuka 12:35-59 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Izinkalo zenu mazihlale ziboshiwe, nezibani zenu zivutha. Yibani njengezinceku ezilindele inkosi yazo ezobuya emshadweni, ukuze kuthi lapho ifika, ingqongqoza, ziyivulele masinyane. Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi lapho inkosi yazo ifika, izifice zilindile. Ngiqinisile ngithi kini: inkosi yazo iyakubopha ibhande okhalo, izihlalise phansi, ize yona uqobo iziphe ukudla. Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi noma inkosi yazo ifika kwesikabhadakazi noma entathakusa, izifumane zilindile. Kepha-ke yazini lokhu, ukuthi uma umninindlu ebesazi isikhathi isela eliyakufika ngaso, ubengayukuvuma ukuba indlu yakhe igqekezwe. Nani-ke hlalani nilindile, ngokuba anilazi ihora iNdodana yomuntu eyakufika ngalo.” UPhethro wayesethi: “Nkosi, ngabe lo mzekeliso uwuqondise kithi noma kubantu bonke na?” INkosi yaphendula yathi: “Iyiphi inceku ethembekileyo nehlakaniphileyo, inkosi yayo eyakuyibeka ukuba yengamele abendlu yayo, ibabele isabelo sokudla ngesikhathi esifaneleyo na? Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi lapho inkosi yayo ifika, iyifumane yenza kanjalo. Ngiqinisile, ngithi: iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho ukuba ikwengamele. Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami isalibele ukuba ifike,’ bese iqala ukushaya izisebenzi zesilisa nezesifazane, idle, iphuze, idakwe, inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayilindele ngalo, nangomzuzu engawaziyo, iyijezise ngokuyibulala kabuhlungu, bese iyilahla nabangakholwayo. “Inceku eyaziyo ukuthi inkosi ifunani, kodwa ingazilungiseleli ukwenza lokho okufunwa yinkosi, iyakushaywa imivimbo eminingi. Kepha leyo eyenze okungafanele ngenxa yokungazi, iyakushaywa imivimbo embalwa. Yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakufunwa okuningi kuye, nophathiswe okuningi, kuyakubizwa okuningi kakhulu kuye.” “Ngize ukuphonsa umlilo emhlabeni; ngifisa kakhulu kangakanani ukuba ngabe sewokhelekile! Nginombhabhadiso engizakubhabhadiswa ngawo; ngikhathazekile kakhulu, uze ufezeke. Nicabanga ukuthi ngilethe ukuthula emhlabeni na? Phinde! Kepha ngithi kini: ngilethe ukwehlukana. Ngokuba kusukela manje kuyakuba khona abayisihlanu endlini, abathathu bamelane nababili, nababili bamelane nabathathu. Kuyokuba khona ukwehlukana: uyise amelane nendodana, nendodana imelane noyise, unina amelane nendodakazi, nendodakazi nonina, uninazala amelane nomalokazana, nomalokazana amelane noninazala.” Wayesethi nakuzo izixuku: “Uma nibona kukhuphuka ifu entshonalanga, nisheshe nithi: ‘Kuza isiphepho,’ kube njalo. Uma kuvunguza umoya weningizimu, nithi: ‘Lizakushisa likhiphe umkhovu etsheni,’ kube njalo nempela. Bazenzisi, niyakwazi ukubona okwenzeka emhlabeni nasesibhakabhakeni, pho kungani ningakwazi ukuqonda okwalesi sikhathi na? “Yini ningakwazi ukubona okufanele nikwenze na? Uma uhambisana nesitha sakho, niya kumehluleli, sincenge nisesendleleni, nibuyisane, funa nifike kumehluleli, umehluleli akwedlulisele ephoyiseni, bese iphoyisa likuphonsa ejele. Ngithi kuwe: awusoze waphuma ejele, uyoze ukhiphe ifadingi lokugcina.”
NgokukaLuka 12:35-59 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zivutha. Nani yibani njengabantu ababheke inkosi yabo ibuya emshadweni ukuba, nxa ifika ingqongqotha, bayivulele masinyane. Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi inkosi, nxa ifika, izifumane zilindile; ngiqinisile ngithi kini: Iyakuzibopha ukhalo, izihlalise ekudleni, ize izikhonze. Noma ifika ngomlindo wesibili noma ngowesithathu, ifumane kunjalo, zibusisiwe zona lezo. Kepha yazini lokhu kokuthi, uma umninindlu ebesazi isikhathi isela elizakufika ngaso, ubengayikuvuma ukuba ifohlwe indlu yakhe. Nani manibe nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngesikhathi eningasicabangiyo.” UPetru wayesethi kuye: “Nkosi, usilandisa thina lo mfanekiso nokuba bonke na?” Yayisithi iNkosi: “Ngumuphi-ke umphathi othembekileyo noqondileyo, inkosi yakhe eyakumbeka phezu kwabendlu bayo ukuba abanike isabelo sabo sokudla ngesikhathi sakho? Ibusisiwe leyo nceku okuyakuthi inkosi yayo, nxa ifika, iyifumane yenze njalo. Impela ngithi kini: Iyakuyibeka phezu kwakho konke enakho. Kepha uma leyo nceku ithi enhliziyweni yayo: ‘Inkosi yami ilibele ukufika,’ iqale ukushaya abafana namantombazana, idle, iphuze, idakwe, inkosi yaleyo nceku iyakufika ngosuku engayibhekile ngalo nangomzuzu engawaziyo, iyinqumanqume, iyabele nabangakholekile. “Njalo-ke leyo nceku ebiyazi intando yenkosi yayo ingalungiselanga, ingenzanga ngokwentando yayo, iyakushaywa imivimbo eminingi; kepha ebingazi yenza okufanele imivimbo, iyakushaywa eyingcosana; yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye; nophathiswe okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho. “Ngize ukuphonsa umlilo emhlabeni; bengifunisisa kangakanani ukuba nga sewokhelwe. Kepha nginombhapathizo engizakubhapathizwa ngawo; ngikhathazekile kanjani, uze ufezeke. Nithi ngize ukuletha ukuthula emhlabeni na? Ngithi kini: Qha, kepha kakhulu ukwahlukana. Ngokuba kusukela manje kuyakuba khona abayisihlanu endlini inye bahlukene, abathathu nababili, ababili nabathathu; bayakwahlukana, uyise nendodana, indodana noyise; unina nendodakazi, indodakazi nonina; uninazala nomalokazana wakhe, umalokazana noninazala.” Wayesethi nakuzo izixuku: “Nxa nibona ifu likhuphuka entshonalanga, masinyane nithi: ‘Iyeza imvula,’ kube njalo. Futhi nxa kuphephetha iningizimu, nithi: ‘Lizakubalela,’ kube njalo. Bazenzisi, niyakwazi ukuchachisa ukuma komhlaba nokwezulu; kepha yini ukuba ningachachisi lesi sikhathi na? “Pho, yini ukuba ninganqumi ngokwenu okulungileyo na? Ngokuba, nxa uya enkosini nomelene nawe, ncengisisa usesendleleni ukuba ukhululeke kuye, funa mhlawumbe akuhudulele kumahluleli, umahluleli akunikele kulo iphoyisa, iphoyisa likuphonse etilongweni. Ngithi kuwe: Awusoze waphuma khona, uze ukhokhe ifadingi* lokuphela.”
NgokukaLuka 12:35-59 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)