Omunye esixukwini wathi kuye: “Mfundisi, tshela umfowethu ukuba angabele nami ifa lakwethu.”
Kepha uJesu wathi kuye: “Mngani, ngubani ongibeke ukuba ngibe ngumehluleli noma ngumabi wefa lakwenu na?”
UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nilwexwaye lonke uhlobo lokuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumisiwe ngubuningi bomcebo wakhe.”
Wabalandisa umzekeliso, wathi: “Amasimu omuntu othile owayeyisicebi ayekhiqiza isivuno esihle. Wazindla wathi: ‘Ngizokwenzenjani, ngokuba anginandawo engizofaka kuyo isivuno sami na?’
“Wayesethi: ‘Nakhu engizakukwenza: ngizakuzidiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele kuzo sonke isivuno sokusanhlamvu, nempahla yami. Bese ngithi emphefumulweni wami: “Mphefumulo, usunezimpahla eziningi ezilondolozelwe wena iminyaka eminingi. Ngakho-ke phumula, udle, uphuze, futhi ujabule.”’
“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’
“Kubanjalo-ke kumuntu ozibekelela ingcebo ebe engacebile ngokukaNkulunkulu.”
Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu nangemizimba yenu ukuthi niyakudlani, nanokuthi niyakwembathani. Ngokuba ukuphila kubalulekile kunokudla, nomzimba kunesembatho. Ake nibheke nje amagwababa; awalimi, awavuni, futhi awanazilulu nazinqolobane, kepha uNkulunkulu uyawondla. Kakhulu kangakanani-ke nina eniyigugu ukwedlula izinyoni! Ngubani kini okuthi ngenxa yokukhathazeka, athasisele usuku olulodwa nje eminyakeni yokuphila kwakhe na? Ngakho-ke njengokuba ningenamandla okwenza nokuncane nje, pho nizikhathazelani ngalokhu okunye na?
“Bhekani nje, nansi iminduze yasendle, ukuthi ikhula kanjani. Ayizikhandli, ayizithungeli zembatho, kodwa ngithi kini: ngisho noSolomoni, ebukhazikhazini bakhe bonke, wayengavunulisile okomunye wayo. Uma-ke uNkulunkulu embathisa utshani basendle obukhona namuhla, kuthi ngakusasa buphonswe eziko, kakhulu kangakanani nina eninokukholwa okuncane. Ningafuni ukuthi niyakudlani nokuthi niyakuphuzani; ningakhathazeki ngalokho. Ngokuba konke lokhu kufunwa ngabezizwe baleli lizwe; kodwa uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokhu. Kepha funani umbuso kaNkulunkulu, yikhona konke lokhu kuyakwenezelwa kini.
“Ungesabi, mhlambi omncane, ngokuba kuyintando kaYihlo ukuba aninike umbuso. Thengisani ngeninakho, nabele abampofu, nizenzele izikhwama zemali ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini; lapho kungasondeli khona sela nanundu, ukuba yone. Ngokuba lapho ingcebo yenu ikhona, nenhliziyo yenu iyakuba khona lapho.”
“Izinkalo zenu mazihlale ziboshiwe, nezibani zenu zivutha. Yibani njengezinceku ezilindele inkosi yazo ezobuya emshadweni, ukuze kuthi lapho ifika, ingqongqoza, ziyivulele masinyane. Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi lapho inkosi yazo ifika, izifice zilindile. Ngiqinisile ngithi kini: inkosi yazo iyakubopha ibhande okhalo, izihlalise phansi, ize yona uqobo iziphe ukudla. Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi noma inkosi yazo ifika kwesikabhadakazi noma entathakusa, izifumane zilindile. Kepha-ke yazini lokhu, ukuthi uma umninindlu ebesazi isikhathi isela eliyakufika ngaso, ubengayukuvuma ukuba indlu yakhe igqekezwe. Nani-ke hlalani nilindile, ngokuba anilazi ihora iNdodana yomuntu eyakufika ngalo.”