NgokukaLuka 12:13-40
NgokukaLuka 12:13-40 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Omunye wesixuku wathi kuye: “Mfundisi, shono kumfowethu ukuba abelane nami ifa.” Kepha wathi kuye: “Mngane, ubani ongimise ngibe ngumahluleli noma umahlukanisi phezu kwenu na?” Wayesethi kubo: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.” Wabalandisa umfanekiso, wathi: “Izwe lomuntu othile onothileyo lathela kahle. Wazindla phakathi kwakhe, wathi: ‘Ngizakwenzani, lokhu ngingenandawo engingabuthela kuyo ukudla kwami, na?’ “Wayesethi: ‘Ngizakwenza lokhu: ngizakudiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele khona ukudla kwami konke nempahla yami. Bese ngithi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, unempahla eningi ebekelelwe iminyaka emmingi; phumula, udle, uphuze, ujabule.’ “Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Wena siwula, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?’ “Kunjalo kozibekelela ingcebo enganothile kuNkulunkulu.” Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho. Bhekani izingwababana ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azinaxhiba nanqolobane, kepha uNkulunkulu uyazondla; nina nizidlula kakhulu kangakanani izinyoni. Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka enezele ebudeni bakhe ingalo na? Ngalokho nxa ningenamandla okwenza nokuncinyane, yini ukuba nikhathazeke ngokunye na? “Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani; ayiphothi, ayaluki, kepha ngithi kini noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, kakhulu kangakanani uyakunembathisa nina eninokukholwa okuncane. Nani maningafuni eniyakukudla neniyakukuphuza; ningakhathazeki. Ngokuba konke lokho kufunwa ngabezizwe bomhlaba, kepha uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokho. Kodwa funani umbuso wakhe, khona konke lokho kuyakwenezelwa nina. “Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso. Thengisani ngeninakho, niphe abampofu; nizenzele izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini, lapho kungasondeli sela, kungoni nundu khona. Ngokuba lapho kukhona ingcebo yenu, lapho iyakuba khona nenhliziyo yenu. “Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zivutha. Nani yibani njengabantu ababheke inkosi yabo ibuya emshadweni ukuba, nxa ifika ingqongqotha, bayivulele masinyane. Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi inkosi, nxa ifika, izifumane zilindile; ngiqinisile ngithi kini: Iyakuzibopha ukhalo, izihlalise ekudleni, ize izikhonze. Noma ifika ngomlindo wesibili noma ngowesithathu, ifumane kunjalo, zibusisiwe zona lezo. Kepha yazini lokhu kokuthi, uma umninindlu ebesazi isikhathi isela elizakufika ngaso, ubengayikuvuma ukuba ifohlwe indlu yakhe. Nani manibe nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngesikhathi eningasicabangiyo.”
NgokukaLuka 12:13-40 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Omunye wesixuku wathi kuye: “Mfundisi, khuluma kumfowethu abelane nami ifa. Wasesithi kuye: Ndoda, ngubani ongibeke umahluleli lomahlukanisi phezu kwenu? Wathi kubo: Qaphelani, nixwaye ukuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumi echichimeni lempahla yakhe. Wasebatshela umfanekiso, esithi: Insimu yomuntu othile onothileyo yathela kakhulu; Wazindla phakathi kwakhe, wathi: Ngizakwenzani, lokhu kangilandawo lapho engingabuthela khona izithelo zami? Wasesithi: Lokhu ngizakwenza: ngizadiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu; ngizabuthela khona zonke izithelo zami lempahla yami. Ngizakuthi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, ulempahla enengi ebekelelwe iminyaka eminengi; khululeka, udle, uphuze, ujabule. Kodwa uNkulunkulu wathi kuye: Siphukuphuku, ngalobubusuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; Unjalo oziqongelelela ingcebo, engacebile kuNkulunkulu. Wasesithi kubafundi bakhe: Ngakho ngithi kini: Lingakhathaleli impilo yenu, ukuthi lizakudlani; noma ngomzimba ukuthi niyakwembathani. Ukuphila kungaphezu kokudla, nomzimba mkhulu kunesambatho. Bhekani amagwababa, ngokuba awahlwanyeli, awavuni; elingenazinqolobane nanqolobane; uNkulunkulu uyazondla; nina nizidlula kangakanani izinyoni na? Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka anezele ubude bakhe ingalo eyodwa na? Ngakho-ke uma ningenakukwenza lokho okuncane kakhulu, nizikhathazelani ngokunye na? Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani; ayikhandleki, ayiphothi; kodwa ngithi kini: USolomoni enkazimulweni yakhe yonke wayengavunule njengomunye wayo. Uma uNkulunkulu embesa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, kusasa buphonswe eziko; kakhulu kangakanani anigqokisa nina eninokukholwa okuncane na? Futhi ningafuni eniyakudlani noma niyakuphuza, futhi ningabi ngabangabaza. Ngokuba konke lokho izizwe zomhlaba ziyakudinga; uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokho. Kodwa funani kakhulu umbuso kaNkulunkulu; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina. Ningesabi, mhlambi omncane; ngoba kuyintokozo kuYihlo ukulinika umbuso. Thengisani ngempahla yenu, niphe izipho; zilungiseleni izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheli ezulwini, lapho kungasondeli sela, kungoni nundu. Ngokuba lapho kukhona ingcebo yenu, nenhliziyo yenu iyakuba-khona. Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zenu zivutha; Nani nibe njengabantu abalindele inkosi yabo, lapho ibuya emshadweni; ukuze kuthi nxa efika engqongqotha, bamvulele masinyane. Zibusisiwe lezozinceku, okuyakuthi inkosi, nxa ifika, izifumane zilindile; Futhi uma ifika ngomlindo wesibili, noma ifika ngomlindo wesithathu, izifica zinjalo, zibusisiwe lezozinceku. Yazini lokhu, ukuthi uba umninindlu ebesazi ihola isela elizakuza ngalo, ubezalinda, njalo ubengavumanga ukuthi indlu yakhe ifohlwe. Ngakho-ke nani hlalani nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iza ngehora eningalicabangiyo.
NgokukaLuka 12:13-40 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Omunye esixukwini wathi kuye: “Mfundisi, tshela umfowethu ukuba angabele nami ifa lakwethu.” Kepha uJesu wathi kuye: “Mngani, ngubani ongibeke ukuba ngibe ngumehluleli noma ngumabi wefa lakwenu na?” UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nilwexwaye lonke uhlobo lokuhaha, ngokuba ukuphila komuntu akumisiwe ngubuningi bomcebo wakhe.” Wabalandisa umzekeliso, wathi: “Amasimu omuntu othile owayeyisicebi ayekhiqiza isivuno esihle. Wazindla wathi: ‘Ngizokwenzenjani, ngokuba anginandawo engizofaka kuyo isivuno sami na?’ “Wayesethi: ‘Nakhu engizakukwenza: ngizakuzidiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele kuzo sonke isivuno sokusanhlamvu, nempahla yami. Bese ngithi emphefumulweni wami: “Mphefumulo, usunezimpahla eziningi ezilondolozelwe wena iminyaka eminingi. Ngakho-ke phumula, udle, uphuze, futhi ujabule.”’ “Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Siwula ndini, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakuthathwa kuwe. Pho-ke ziyakuba ngezikabani lezi zinto ozilungisileyo na?’ “Kubanjalo-ke kumuntu ozibekelela ingcebo ebe engacebile ngokukaNkulunkulu.” Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: ningakhathazeki ngokuphila kwenu nangemizimba yenu ukuthi niyakudlani, nanokuthi niyakwembathani. Ngokuba ukuphila kubalulekile kunokudla, nomzimba kunesembatho. Ake nibheke nje amagwababa; awalimi, awavuni, futhi awanazilulu nazinqolobane, kepha uNkulunkulu uyawondla. Kakhulu kangakanani-ke nina eniyigugu ukwedlula izinyoni! Ngubani kini okuthi ngenxa yokukhathazeka, athasisele usuku olulodwa nje eminyakeni yokuphila kwakhe na? Ngakho-ke njengokuba ningenamandla okwenza nokuncane nje, pho nizikhathazelani ngalokhu okunye na? “Bhekani nje, nansi iminduze yasendle, ukuthi ikhula kanjani. Ayizikhandli, ayizithungeli zembatho, kodwa ngithi kini: ngisho noSolomoni, ebukhazikhazini bakhe bonke, wayengavunulisile okomunye wayo. Uma-ke uNkulunkulu embathisa utshani basendle obukhona namuhla, kuthi ngakusasa buphonswe eziko, kakhulu kangakanani nina eninokukholwa okuncane. Ningafuni ukuthi niyakudlani nokuthi niyakuphuzani; ningakhathazeki ngalokho. Ngokuba konke lokhu kufunwa ngabezizwe baleli lizwe; kodwa uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokhu. Kepha funani umbuso kaNkulunkulu, yikhona konke lokhu kuyakwenezelwa kini. “Ungesabi, mhlambi omncane, ngokuba kuyintando kaYihlo ukuba aninike umbuso. Thengisani ngeninakho, nabele abampofu, nizenzele izikhwama zemali ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini; lapho kungasondeli khona sela nanundu, ukuba yone. Ngokuba lapho ingcebo yenu ikhona, nenhliziyo yenu iyakuba khona lapho.” “Izinkalo zenu mazihlale ziboshiwe, nezibani zenu zivutha. Yibani njengezinceku ezilindele inkosi yazo ezobuya emshadweni, ukuze kuthi lapho ifika, ingqongqoza, ziyivulele masinyane. Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi lapho inkosi yazo ifika, izifice zilindile. Ngiqinisile ngithi kini: inkosi yazo iyakubopha ibhande okhalo, izihlalise phansi, ize yona uqobo iziphe ukudla. Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi noma inkosi yazo ifika kwesikabhadakazi noma entathakusa, izifumane zilindile. Kepha-ke yazini lokhu, ukuthi uma umninindlu ebesazi isikhathi isela eliyakufika ngaso, ubengayukuvuma ukuba indlu yakhe igqekezwe. Nani-ke hlalani nilindile, ngokuba anilazi ihora iNdodana yomuntu eyakufika ngalo.”
NgokukaLuka 12:13-40 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)