Omunye wesixuku wathi kuye: “Mfundisi, shono kumfowethu ukuba abelane nami ifa.”
Kepha wathi kuye: “Mngane, ubani ongimise ngibe ngumahluleli noma umahlukanisi phezu kwenu na?” Wayesethi kubo: “Bhekani, nixwaye ukuhaha konke, ngokuba ukuphila komuntu akumi ngobuningi bempahla yakhe.”
Wabalandisa umfanekiso, wathi: “Izwe lomuntu othile onothileyo lathela kahle. Wazindla phakathi kwakhe, wathi: ‘Ngizakwenzani, lokhu ngingenandawo engingabuthela kuyo ukudla kwami, na?’
“Wayesethi: ‘Ngizakwenza lokhu: ngizakudiliza izinqolobane zami, ngakhe ezinkulu, ngibuthele khona ukudla kwami konke nempahla yami. Bese ngithi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, unempahla eningi ebekelelwe iminyaka emmingi; phumula, udle, uphuze, ujabule.’
“Kepha uNkulunkulu wathi kuye: ‘Wena siwula, ngalobu busuku umphefumulo wakho uzakubizwa kuwe; pho-ke, izinto ozilungisileyo ziyakuba ngezikabani na?’
“Kunjalo kozibekelela ingcebo enganothile kuNkulunkulu.”
Wayesethi kubafundi bakhe: “Ngakho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ngokuba ukuphila kukhulu kunokudla, nomzimba kunesambatho. Bhekani izingwababana ukuthi azihlwanyeli, azivuni, azinaxhiba nanqolobane, kepha uNkulunkulu uyazondla; nina nizidlula kakhulu kangakanani izinyoni. Ngumuphi kini ongathi ngokukhathazeka enezele ebudeni bakhe ingalo na? Ngalokho nxa ningenamandla okwenza nokuncinyane, yini ukuba nikhathazeke ngokunye na?
“Bhekani iminduze ukuthi imila kanjani; ayiphothi, ayaluki, kepha ngithi kini noSolomoni ebukhazikhazini bakhe bonke wayengembathisile okomunye wayo. Uma uNkulunkulu embathisa kanjalo utshani basendle obukhona namuhla, ngomuso buphonswe eziko, kakhulu kangakanani uyakunembathisa nina eninokukholwa okuncane. Nani maningafuni eniyakukudla neniyakukuphuza; ningakhathazeki. Ngokuba konke lokho kufunwa ngabezizwe bomhlaba, kepha uYihlo uyazi ukuthi niyakudinga lokho. Kodwa funani umbuso wakhe, khona konke lokho kuyakwenezelwa nina.
“Ungesabi, mhlambi omncane; ngokuba kwathandeka kuYihlo ukuninika umbuso. Thengisani ngeninakho, niphe abampofu; nizenzele izikhwama ezingagugiyo, ingcebo engapheliyo ezulwini, lapho kungasondeli sela, kungoni nundu khona. Ngokuba lapho kukhona ingcebo yenu, lapho iyakuba khona nenhliziyo yenu.
“Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zivutha. Nani yibani njengabantu ababheke inkosi yabo ibuya emshadweni ukuba, nxa ifika ingqongqotha, bayivulele masinyane. Zibusisiwe lezo zinceku okuyakuthi inkosi, nxa ifika, izifumane zilindile; ngiqinisile ngithi kini: Iyakuzibopha ukhalo, izihlalise ekudleni, ize izikhonze. Noma ifika ngomlindo wesibili noma ngowesithathu, ifumane kunjalo, zibusisiwe zona lezo. Kepha yazini lokhu kokuthi, uma umninindlu ebesazi isikhathi isela elizakufika ngaso, ubengayikuvuma ukuba ifohlwe indlu yakhe. Nani manibe nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngesikhathi eningasicabangiyo.”