ILevithikhusi 17

17
Umthetho Wokuhlaba
1USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Khuluma no-Aroni, namadodana akhe, nabo bonke abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilokhu uSimakade ayale ngakho, ethi: 3 yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli oyohlaba inkunzi noma imvana noma imbuzi enkanjini, noma ayihlabele ngaphandle kwenkambu, 4 engayilethanga emnyango wethende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaSimakade ngaphambi kwethabanakeli likaSimakade, lowo muntu uyakubekwa icala legazi, ngokuba uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo. 5 Ngalokho abantu bakwa-Israyeli bayoletha imihlatshelo yabo abayihlabele endle, bayoyiletha kuSimakade, kumphristi ongasemnyango wethende lokuhlangana bayinikele ibe yiminikelo yokuthula kuSimakade. 6Umphristi uyofafaza igazi e-althare likaSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana, ashise amanoni, abe yiphunga elimnandi kuSimakade, 7 ukuze bangaphinde banikele imihlatshelo yabo emadimonini abaphinga nawo. Lokhu kuyokuba yisimiso esiphakade kubo, ezizukulwaneni zabo.’
8“Uyosho nalokhu kubo uthi: ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo onikela ngomnikelo wokushiswa noma ngomhlatshelo, 9 kodwa angawulethi emnyango wethende lokuhlangana ukuba awunikele kuSimakade, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.
Igazi Alinakudliwa
10 “ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyomelana nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kwabakubo. 11 Ngokuba ukuphila komzimba kusegazini; ngininike lona ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana e-althare, yigazi elenza ukubuyisana. 12Ngalokho, ngathi kubantu bakwa-Israyeli: “Makungabi bikho muntu phakathi kwenu odla igazi; nomfokazi ogogobele phakathi kwenu akayukulidla.”
13 “ ‘Yilowo nalowo muntu kwabakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo, ozingela abambe isilwane noma inyoni edliwayo, uyochitha igazi layo, alemboze ngothuli. 14 Ngokuba impilo yazo zonke izidalwa igazi lazo nomphefumulo wazo kusegazini lazo, ngalokho ngathi kubantu bakwa-Israyeli: “Aniyukulidla igazi lenyama yonke, ngokuba ukuphila kwazo zonke izidalwa kusegazini lazo; lowo olidlayo uyonqunywa.”
15 “ ‘Noma ngubani odla ingcuba noma isilwane esidweshulwe yizilo, noma ngabe ungowolibo noma ngumfokazi, uyohlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe, bese eyahlambuluka. 16Kepha uma engazihlanzi, engawugezi umzimba wakhe, uyothwala ububi bakhe.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

ILevithikhusi 17: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume