ILevithikhusi 18

18
Ningakulokothi Okwenziwa Ngabezizwe
1USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘NginguSimakade uNkulunkulu wenu. 3 Aniyukwenza njengokwemisebenzi yeGibhithe enanihlala kulo, futhi aniyukwenza njengokwemisebenzi yeKhanani enginiyisa kulo, aniyukuhamba ngemithetho yabo. 4 Niyokwenza izehlulelo zami, nigcine imithetho yami, nihambe ngayo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu. 5 Niyogcina izimiso zami nezehlulelo zami; uma nizenza, niyakuphila ngazo; nginguSimakade.
6“ ‘Akuyukuba bikho phakathi kwenu oyosondela esihlotsheni sakhe embule ubunqunu baso; nginguSimakade.
7 “ ‘Ubunqunu bukayihlo, nobunqunu bukanyoko, awuyukubembula; ungunyoko, awuyukubembula ubunqunu bakhe.
8 “ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukamkayihlo; bungubunqunu bukayihlo.
9 “ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukadadewenu, indodakazi kayihlo noma indodakazi kanyoko, ezelwe kwenu, noma ezelwe kwelinye ikhaya.
10“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bendodakazi yendodana yakho, noma bendodakazi yendodakazi yakho, ngokuba ubunqunu babo bungubunqunu bakho.
11“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bendodakazi yomkayihlo, ezalwa nguyihlo; ingudadewenu.
12 “ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukababekazi wakho; uyisihlobo sikayihlo.
13“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukadadewabo kanyoko, ngokuba uyisihlobo sikanyoko.
14 “ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukamfowabo kayihlo, ungasondeli kumkakhe; ungunyoko.
15 “ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukamalokazana wakho; ungumkandodana yakho.
16 “ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukamkamfowenu; bungubunqunu bukamfowenu.
17 “ ‘Awuyukubembula ubunqunu bowesifazane nobendodakazi yakhe; awuyukuthatha indodakazi yendodana yakhe, noma indodakazi yendodakazi yakhe awuyukwembula ubunqunu bayo, ngokuba bayizihlobo; kungukonakala lokho.
18“ ‘Awuyukuthatha owesifazane abe yimbangi kadadewabo ukuba wembule ubunqunu bakhe esekhona udadewabo.
19 “ ‘Awuyukusondela kowesifazane, wembule ubunqunu bakhe esangcolile ngokungcola kwakhe.
20 “ ‘Awuyukulala nomkamakhelwane ukuzingcolisa ngaye.
21 “ ‘Awuyukunikela ngenzalo yakho ibe ngumhlatshelo kuMolekhi, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguSimakade.
22 “ ‘Awuyukulala nowesilisa njengowesifazane; kuyisinengiso lokho.
23 “ ‘Awuyukulala nesilwane uzingcolise ngaso; nowesifazane akayukuma phambi kwesilwane ukuba alale naso; kuyichilo.
24 “ ‘Ningazingcolisi noma ngayiphi yalezo zinto, ngokuba izizwe engazixosha phambi kwenu zazizingcolisa ngazo. 25 Izwe lonakele, yingakho ngalihambela ngenxa yobubi balo ukuze ngilijezise, izwe labaphalaza abantu balo. 26Niyakugcina izimiso zami nezehlulelo zami, aniyukwenza nesisodwa salezi zinengiso, noma ngabe ngowolibo noma ngumfokazi ogogobele phakathi kwenu, 27ngokuba abantu bezwe abaphambi kwenu bazenzile lezi zinengiso, ngakho-ke izwe langcola. 28Izwe liyakuniphalaza uma nilingcolisa, njengalokho laphalaza isizwe esasikhona phambi kwenu.
29“ ‘Noma ngubani oyokwenza lezi zinengiso, lowo muntu uyonqunywa kwabakubo. 30 Ngalokho, gcinani umyalo wami ukuze ningenzi nasinye sezinengiso ezenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngazo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

ILevithikhusi 18: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume