ILevithikhusi 16

16
Usuku Lokuhlanjululwa Nokubuyisana
1 USimakade wakhuluma kuMose emva kokufa kwamadodana amabili ka-Aroni, ayesondele phambi kukaSimakade, maqede afa. 2 USimakade wathi kuMose: “Khuluma no-Aroni, umfowenu, ukuba angangeni noma nini endaweni engcwele emva kwesihenqo phambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyabonakala efini phezu kwesihlalo somusa.”
3 U-Aroni uyongena endaweni engcwele nalokhu: iduna, libe ngumnikelo wesono, inqama, ibe ngumnikelo wokushiswa, 4embethe ibhantshi lelineni elingcwele, efake ibhulukwe lelineni, ezibophe ngebhande lelineni, ethwele umshuqulu welineni. Lezo yizembatho ezingcwele. Uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi, bese ezigqoka. 5 Uyothatha enhlanganweni yabantu bakwa-Israyeli izimpongo ezimbili zibe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa.
6 U-Aroni makanikele ngenkunzi, ibe ngumnikelo wakhe wesono; azenzele yena nendlu yakhe ukubuyisana. 7Uyothatha izimpongo ezimbili, azibeke phambi kukaSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana. 8U-Aroni uyakwenza unkatho ngezimpongo zombili, olunye unkatho lube ngolukaSimakade, olunye unkatho lube ngoluka-Azazeli. 9U-Aroni uyonikela ngempongo edliwe wunkatho lukaSimakade, ibe ngumnikelo wesono. 10Kepha impongo edliwe wunkatho luka-Azazeli iyakubekwa iphila phambi kukaSimakade ukuze kwenziwe ngayo ukubuyisana, bese ithunyelwa ehlane ku-Azazeli.
11 U-Aroni uyonikela ngenkunzi engumnikelo wesono sakhe, azenzele ukubuyisana yena nabendlu yakhe. 12 Uyothatha isitsha sempepho esigcwele amalahle omlilo ase-althare phambi kukaSimakade, nempepho egxotshiwe igcwele izandla zakhe zombili, angene nayo ngaphakathi kwesihenqo. 13 Uyoyibeka impepho emlilweni phambi kukaSimakade ukuze ifu lempepho lisibekele isihlalo somusa esiphezu kobufakazi, ukuze angafi. 14 Uyothatha ingxenye yegazi lenkunzi achinse ngomunwe wakhe phambi kwesihlalo somusa ngasempumalanga, uyolichinsa ngomunwe wakhe kasikhombisa phambi kwesihlalo somusa.
15 Uyohlaba impongo ibe ngumnikelo wesono wabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo, enze ngalo njengalokhu enzile ngegazi lenkunzi, alifafaze phezu kwesihlalo somusa naphambi kwaso. 16 Uyakuyenzela kanjalo ukubuyisana indawo engcwele, ngenxa yokungcola kwabantu bakwa-Israyeli, nangenxa yeziphambeko zabo, nazo zonke izono zabo. Uyakulenzela kanjalo nethende lokuhlangana elihleli phakathi kokungcola kwabo. 17Akuyukuba bikho muntu ethendeni lokuhlangana kusukela ngesikhathi angena ngaso ukuyokwenza ukubuyisana endaweni engcwele kuze kube yisikhathi aphuma ngaso; esezenzele yena ukubuyisana nendlu yakhe nebandla lonke lakwa-Israyeli.
18 Uyakuphuma aye e-althare eliphambi kukaSimakade, alenzele ukubuyisana. Uyothatha igazi lenkunzi nelempongo, alibhece ezimpondweni ze-althare nxazonke. 19 Uyolichinsa ngegazi kasikhombisa ngomunwe wakhe, alihlambulule, alingcwelise ekungcoleni kwabantu bakwa-Israyeli.
20Uma eseqedile ukwenzela indawo engcwele ukubuyisana, nethende lokuhlangana ne-althare, uyonikela ngempongo ephilayo. 21 U-Aroni uyobeka izandla zakhe zombili enhloko yempongo ephilayo, avume phezu kwayo bonke ububi babantu bakwa-Israyeli, neziphambeko zabo, nakho konke ukona kwabo, akubeke enhloko yempongo, bese eyihambisa ngesandla somuntu olungiselwe lokho, iye ehlane. 22Impongo iyothwala ububi babo bonke, iye nabo kwahlongasibi, ayikhululele ehlane.
23 U-Aroni uyakungena ethendeni lokuhlangana, akhumule izembatho zelineni azembatha uma engena endaweni engcwele, azishiye lapho. 24 Uyogeza umzimba wakhe ngamanzi endaweni engcwele, agqoke izembatho zakhe, aphume, anikele ngomnikelo wakhe wokushiswa nangomnikelo wokushiswa wabantu; azenzele yena nabantu ukubuyisana. 25Amanoni omnikelo wesono uyowashisa e-althare.
26 Lowo obehambise impongo ku-Azazeli uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi, andukuba angene enkanjini. 27 Inkunzi yomnikelo wesono nempongo yomnikelo wesono, okungeniswe igazi lakho ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele, ziyakukhishelwa ngaphandle kwenkambu, izikhumba zakho nenyama yakho nomswani wakho, kushiswe ngomlilo. 28 Okushisayo uyohlanza izingubo zakhe, ageze umzimba ngamanzi, andukuba angene enkanjini.
29 Lokhu kuyokuba yisimiso esiphakade kini: ngenyanga yesikhombisa, ngolweshumi lwenyanga, niyakuthobisa imiphefumulo yenu, ningenzi msebenzi, owolibo nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu. 30Ngokuba ngalolo lusuku niyokwenzelwa ukubuyisana ukuze nihlanjululwe; nihlambuluke ezonweni zenu zonke phambi kukaSimakade. 31 Luyisabatha lokuphumula okuphelele kini, niyozithiba; lokho kuyisimiso esiphakade. 32 Umphristi oyogcotshwa ahlukaniselwe ukuba abe ngumphristi esikhundleni sikayise, uyokwenza ukubuyisana, agqoke izembatho zelineni, izembatho ezingcwele. 33 Uyokwenzela indlu engcwele ukubuyisana, enzele abaphristi nabantu bonke bebandla ukubuyisana.
34 Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantu bakwa-Israyeli ukubuyisana kanye ngonyaka ngenxa yezono zabo zonke.
UMose wenza njengalokhu uSimakade ayemyalile.

Okuqokiwe okwamanje:

ILevithikhusi 16: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume