ISililo 3:1-24

ISililo 3:1-24 ZUL20

Ngingumuntu ohlupheke kakhulu, uNkulunkulu ungijezisile ngentukuthelo yakhe. Ungixoshele ebumnyameni obukhulu. Ungishaye ephindelela ubusuku nemini, engenqabela ukuba ngisondele kuye. Ugugise inyama yami nesikhumba sami; wephula amathambo ami. Wakhe udonga, wangibiyela ngobuthi nobunzima. Ungihlalise ebumnyameni obunzulu, njengalabo abafa kudala. Ungihaqe nxazonke, angikwazi ukuphunyuka, wangibopha ngamaketanga asindayo. Nalapho ngikhala ngicela usizo, akawunakanga umkhuleko wami. Izindlela zami uzibiyele ngomthangala wamatshe, indlela yami wayigwegwisa. Ufane kimi nebhele elicuthileyo, nanjengengonyama icuthe endaweni esithekileyo. Ungichezukise endleleni yami, wanginikiza ngaba yizicutshana, wangishiya ngimantwenguntwengu. Wakhokha umnsalo wakhe, wangimisa ngaba yinkololo yemicibisholo yakhe. Wangihlaba ezinsweni ngemicibisholo yomgodla wakhe. Sengiyinhlekisa kubo bonke abantu bakithi, bahaya ngami izingoma nsuku zonke. Ungisuthise ngomunyu, wangiphuzisa inyongo. Ungiqumbe othulini, amazinyo ami ephulwa ngumgubane. Ungemuke ukuthula, angisakwazi ukujabula, nezinto ezinhle azisekho. Ngase ngithi: “Angisakwazi ukubekezela; nethemba lami kuSimakade alisekho.” Uma ngikhumbula ukuhlupheka kwami nokuba ngumhambuma, kufana nenhlaba nenyongo. Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngiyadideka. Noma kunjalo ngisazoqhubeka ngibe nethemba, uma ngicabanga ngoSimakade. Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo. Kusha nsuku zonke, ukwethembeka kwakhe kukhulu. Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.”

Funda ISililo 3

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo