IsiLilo 3:1-24

IsiLilo 3:1-24 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Mina ngingumuntu owabona usizi ngentonga yolaka lwakhe. Wangihola wangingenisa ebumnyameni, kodwa hhayi ekukhanyeni. Ngempela, ungijikele; ungiphendulela usuku lonke isandla sakhe. Ugugisile inyama yami nesikhumba sami; waphula amathambo ami. Wangakhela phezu kwami wangihaqa ngenyongo nosizi. Ungibeke ezindaweni ezimnyama njengabafa kudala. Ungibiyele ngothango, ukuze ngingakwazi ukuphuma; Wenza iketango lami laba nzima. Noma ngimemeza ngimemeza, akawuvali umkhuleko wami. Uvimbile izindlela zami ngamatshe abaziweyo, wagwegwisa izindlela zami. Kimi ubenjengebhere eliqamekeleyo, nanjengengonyama ecashile. Waziphendulela izindlela zami, wangidwengula; Wangenza ihlane. Wawuciba umnsalo wakhe, wangibeka uphawu lomcibisholo. Wavumela imicibisholo yomgodla wakhe ukuba ingene ezinso zami. Ngaba yinhlekisa kubo bonke abantu bakithi; futhi bacula usuku lonke. Wangigcwalisa ngomunyu, wangidakisa ngosawoti. Waphula amazinyo ami ngohlalwane, wangifaka umlotha. Futhi uwususile umphefumulo wami kude nokuthula; ngikhohlwe ukuchuma. Ngase ngithi: “Amandla ami nethemba lami kuphelile kuJehova.” Khumbulani usizi lwami nosizi lwami, inkungu nenyongo. Umphefumulo wami usazikhumbula njalo uthobile phakathi kwami. Ngiyakukhumbula lokhu engqondweni yami, ngakho ngiyethemba. Kungenxa yobubele bukaJehova ukuthi asiqedwa, ngokuba ububele bakhe abupheli. Zintsha njalo ekuseni: kukhulu ukuthembeka kwakho. UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngalokho ngiyakwethemba kuye.

Dlulisela
Funda IsiLilo 3

IsiLilo 3:1-24 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngingumuntu ohlupheke kakhulu, uNkulunkulu ungijezisile ngentukuthelo yakhe. Ungixoshele ebumnyameni obukhulu. Ungishaye ephindelela ubusuku nemini, engenqabela ukuba ngisondele kuye. Ugugise inyama yami nesikhumba sami; wephula amathambo ami. Wakhe udonga, wangibiyela ngobuthi nobunzima. Ungihlalise ebumnyameni obunzulu, njengalabo abafa kudala. Ungihaqe nxazonke, angikwazi ukuphunyuka, wangibopha ngamaketanga asindayo. Nalapho ngikhala ngicela usizo, akawunakanga umkhuleko wami. Izindlela zami uzibiyele ngomthangala wamatshe, indlela yami wayigwegwisa. Ufane kimi nebhele elicuthileyo, nanjengengonyama icuthe endaweni esithekileyo. Ungichezukise endleleni yami, wanginikiza ngaba yizicutshana, wangishiya ngimantwenguntwengu. Wakhokha umnsalo wakhe, wangimisa ngaba yinkololo yemicibisholo yakhe. Wangihlaba ezinsweni ngemicibisholo yomgodla wakhe. Sengiyinhlekisa kubo bonke abantu bakithi, bahaya ngami izingoma nsuku zonke. Ungisuthise ngomunyu, wangiphuzisa inyongo. Ungiqumbe othulini, amazinyo ami ephulwa ngumgubane. Ungemuke ukuthula, angisakwazi ukujabula, nezinto ezinhle azisekho. Ngase ngithi: “Angisakwazi ukubekezela; nethemba lami kuSimakade alisekho.” Uma ngikhumbula ukuhlupheka kwami nokuba ngumhambuma, kufana nenhlaba nenyongo. Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngiyadideka. Noma kunjalo ngisazoqhubeka ngibe nethemba, uma ngicabanga ngoSimakade. Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo. Kusha nsuku zonke, ukwethembeka kwakhe kukhulu. Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.”

Dlulisela
Funda IsiLilo 3

IsiLilo 3:1-24 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngingumuntu obone ukuhlupheka ngentonga yentukuthelo yakhe. Ungiholile, wangihambisa ebumnyameni, kungesikho ekukhanyeni. Impela uyangiphendulela isandla sakhe ephinda njalo zonke izinsuku. Ugugisile inyama yami nesikhumba sami, waphula amathambo ami. Ungakhele, wangihaqa ngenyongo nangokushikashikeka. Ungihlalisile ebumnyameni njengabakade bafa. Ungibiyele ukuze ngingaphumi, wenza amaketanga ami ukuba asinde. Nalapho ngikhala ngicela ukusindiswa, uyavalela umkhuleko wami. Ubiyele izindlela zami ngamatshe abaziweyo, wagwegwisa imikhondo yami. Ukimi njengebhere* eliqamekelayo nengonyama ezindaweni ezisithekileyo. Wachezukisa izindlela zami, wangidwengula, wangenza incithakalo. Wansala umnsalo wakhe, wangimisa ngibe yisigcibisholo somcibisholo. Wahlaba izinso zami ngemicibisholo yesambo sakhe. Sengingohlekwayo kubantu bonke, ngihaywa usuku lonke. Wangisuthisa ngokubabayo, wangigcwalisa ngomhlonyane. Waphula amazinyo ami ngohlalwane, wangembesa umlotha. Walahla kude nokuthula umphefumulo wami, ngakhohlwa inhlanhla. Ngathi: “Amandla ami nethemba lami kuJehova kuphelile.” Khumbula ukuhlupheka kwami nosizi lwami, umhlonyane nenyongo. Umphefumulo wami uyakukhumbula nokukukhumbula, uthobile phakathi kwami. Kepha yilokhu engiyakukubuyisela enhliziyweni yami, ngalokho nginethemba: ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli. Busha ekuseni njalo; ukuthembeka kwakho kukhulu. UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngakho ngiyakwethemba kuye.

Dlulisela
Funda IsiLilo 3

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo